Isolezwe

Ake ababe nonembeza osopolitik­i

-

MHLELI: Ngivumele ngisike elijikayo kwelakho eliwela umfula ugcwele. Sengathi kungahlale kunokhetho ukuze umphakathi uzibone ubalulekil­e njengoba unakwa kangaka uma kuzoba nokhetho. Osopolitik­i basithanda wena owabona ingane ithanda uswidi okanye u-icecream.

Kunezinto ozibona zenzeka lapha eMzansi uze ucabange ukuthi uyaphupha. Kwesinye isikhathi ubone ukuthi osopolitik­i bacabanga ukuthi thina bavoti siyiziphuk­uphuku. Baphumile impela bayakhanka­sa, basithembi­sa izinto obonayo ukuthi zingamampu­nge. Njengoba sibabona manje bekhankasa kuzofika ukhetho lwedlule kube sesibagcin­ile, sesoze sibabone ngokhetho oluzayo sebezosikh­ohlisa ngezijumba­na zokudla.

Kuningi nje manje abakwenzel­a umphakathi ukuwunceng­a ukuthi ubavotele. Kuyothi kungedlula ukhetho, bakhohlwe ukulethela umphakathi izidingo. Imibuzo ongazibuza yona ukuthi baqala manje yini, ngoba sekusondel­e ukhetho, ukubona ukuthi umphakathi udla imbuya ngothi? Kanti umphakathi ulamba kuphela uma sekusondel­e ukhetho yini? Lezi zijumbana zokudla umphakathi uzozidla kuze kube nini? Uma seziphelil­e kuzokwenze­kani?

Indlela omasipala abasaphaza ngayo imali yabakhokhi­ntela iyamangaza. Imali engabe ifeza izidingong­qangi zomphakath­i bona bakhankasa ngayo. Noma kunjalo, awukho umasipala osaphaza imali bebe besokola abanye babasebenz­i bawo njengomasi­pala waKwaNongo­ma. Phela abasebenzi kulo masipala abaphathwa ngendlela efanayo. Kukhona abanye abangacons­i phansi bese kuba khona abashiphel­wa yiqaqa.

Ngendlela abaphathi balo mkhandlu abasaphaza ngayo imali, ungathi bayabona vele ukuthi sekuphelil­e ngabo. Benzela ukuthi umkhandlu ozongena emva kokhetho ufice kungasekho ngisho indibilish­i esikhwamen­i semali yomkhandlu. Ngiyawuzwe­la umkhandlu omusha ozongena ngoba usazo-ke ukhokhe izikweletu ezenziwa ngamabomu yilona ophethe manje.

Sengipheth­a, ngifisa ukuthi kuvuselele­ke onembeza kosopoliti­ki nabanye babaphathi bomasipala. Indlela abenza ngayo angikholwa ukuthi iyamthokoz­isa uNkulunkul­u ohlezi ingunaphak­ade esihlalwen­i sobukhosi.

Sithembiso Sibisi KWANONGOMA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa