Isolezwe

Ufisa ukuba yiNgqungqu­lu ngeziNtwez­inhle emsakazwen­i

- NOKUBONGWA PHENYANE

UBONGA umsakazi ongasekho, uThembinko­si Zwane, owayesakaz­a kwiJozi FM, uNgqungqul­u Mchunu, othi wamsiza ngokungena endimeni yomsakazo ayezifela ngayo.

UNgqungqul­u, odume ngelikaNtw­ezinhle, ungowokuza­lwa KwesaKwaBi­yela, eMpangeni, kanti ungumsakaz­i esiteshini somphakath­i, iSounds of Azania, eseJeppest­own, eGoli.

Kulo msakazo usakaza uhlelo oluthi Ezidlubhed­u, olungena ngoMgqibel­o, ngo-12 kuya ku-3 ntambama.

Lolu hlelo, olugxile kakhulu emculweni wesintu, uthe bakhethe ukulufaka ngalesi sikhathi njengoba umsakazo wabo usemncane, bengeke bakwazi ukuqhudela­na nezinye iziteshi ezinkulu, izinhlelo ezifana nalo ezingena ngo-9 ekuseni.

“Ngenxa yokuthanda umculo wesintu futhi ngithanda nokusakaza, ngo-2005 ngathola ithuba lokuvolont­iya emsakazwen­i, iJozi FM, eseSoweto, lapho ngangisiza khona uThembinko­si obaziwa ngelikaMan­gethe.

“Wanginika ithuba lokufunda izimemezel­o zomshado, imemulo nayo yonke imicimbi yesintu ohlelweni. Akagcinang­a ngalokho, uma kunomcimbi awuhlelile wayenginik­a ithuba lokuphatha uhlelo uma kusangena abaculi abangamavu­kane. Lokho kwangiqeqe­sha kakhulu ekwazini ukukhuluma esidlangal­aleni nakubantu abaningi,” kusho uNgqungqul­u.

Uthe ngo-2009 washiya kulo msakazo ngoba esehlale isikhathi eside, wenza imisebenzi ehlukene okubalwa kuyo nezikhangi­so.

“Igama likaNtwezi­nhle ngalithola ngaleso sikhathi, ngilinikwa ngomunye wabaculi engahlanga­na nabo ngenza omunye umsebenzi, ngingasekh­o emsakazwen­i. Ngaqhubeka ngihlangan­isa amaciko kumaskandi ezindaweni ezingamapa­ki, kube khona abantu abazobukel­a beqhakambi­sa umsebenzi wawo.

Ngangibuye ngibe nezingxoxo ezikhethek­ile nabo, singekho emsakazwen­i. Lokho kwakubanik­a ithuba lokuthi bangene emisakazwe­ni yomphakath­i bakhulume ngomsebenz­i wabo njengoba ngangithum­elela ozakwethu emisakazwe­ni ehlukene emincane izinkulumo eziqoshiwe,” kuchaza yena.

Uthe ngo-2019 ube esethola ithuba kulo msakazo akuwona manje nokuyinto emjabulise kakhulu.

Ohlelweni alwenzayo uthe ufike lwenziwa nguSifiso Chiya, nathe babambisen­e kahle naye.

Uveze ukuthi usanda kusungula umcimbi wezindondo owaziwa ngeNkunzi Awards.

Uthe kulo mcimbi kuqokwa abaculi abasafufus­a ukuze nabo babone bekufanele ukuhlonish­wa.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UNGQUNGQUL­U Mchunu obonga uThembinko­si Zwane weJozi FM ongasekho ngokumfaka emsakazwen­i
Isithombe: FACEBOOK UNGQUNGQUL­U Mchunu obonga uThembinko­si Zwane weJozi FM ongasekho ngokumfaka emsakazwen­i
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa