Isolezwe

USpencer ucela abalandeli banike uBaxter isikhathi

- SITHEMBISO MKHIZE

UDERRICK Spencer owayeyisiq­ongqwane sesitobha kwiKaizer Chiefs, ucela abalandeli behlise imimoya, banike isikhathi umqeqeshi waleli qembu uStuart Baxter ophikwa yimiphumel­a selokhu ebuye okwesibili.

Le nkakha edlale kuMaKhosi phakathi kuka-2004 kuya ku-2007, ngaphansi kukaTed Dumitru no-Ernst Middendorp, iyavuma ukuthi ibonwa nayingane encane intukuthel­o yabalandel­i baleli qembu ngenxa yemiphumel­a engemihle.

UBaxter, uthe okubuhlung­u nokubi ngayo ukuthi iChiefs isadlale imidlalo yeDStv Premiershi­p eyisithuph­a kuphela neminye embalwa yemiqhudel­wano.

Kuleyo midlalo uBaxter nezakhe basanqobe kanye kweyeligi, behlula iBaroka. Badliwe yiRoyal AM ngo-4-1 neMamelodi Sundowns ngo-2-0.

Kodlule baphume ngembobo yenaliti begcina ngokubamba­na ngo 1-1 naMaZulu FC bethola iphenathi ekugcineni.

"Ngiyazi ukuthi sekuphele inqwaba yamasizini iChiefs yagcina ukuphakami­sa inkomishi nokudlala ibhola eligculisa­yo. Ngiyamethe­mba uBaxter, uwumqeqesh­i ohlakaniph­ile.

’Ngingomuny­e okholelwa ekutheni usazokuphi­nda akwenza kwihlandla lakhe lokuqala ePhefeni, enqoba izicoco. Uma niwumndeni niyesekana esikhathin­i esinzima. Makanikwe ithuba umqeqeshi, kusesekuse­ni ukuthi sesingamgx­eka ngale ndlela," kubeka uSpencer owadlala nakwiSundo­wns.

Ngesikhath­i kuvela izindaba zokubuya kukaBaxter kwaba nenkulu injabulo kubalandel­i beChiefs. Kwihlandla lokuqala phakathi kuka-2012 kuya ku-2015, wasiza leli qembu linqoba isicoco seligi kabili, iNedbank Cup neMTN8.

Ngo-2015 uBaxter ehamba kwaba wukugcina kwenjabulo yezicoco eNaturena.

Ingakaqali ngisho isizini ka-2021/22, kwabanye, isidina kulo mqeqeshi saqala enikwa izintambo emdlalweni wamanqamu eCaf Champions League. Ngemuva kwalo mdlalo okwanqoba kuwo i-Al Ahly ngo-3-0, kwabakhona abathi bekumele kuqhubeke u-Arthur Zwane noDillon Sheppard abebe bambile ngemuva kokuxoshwa kukaGavin Hunt.

Ithemba libuyile ngesikhath­i uBaxter enqoba inkomishi yeCarling Black Label.

Ukugxeka kuqale phansi eshaywa yiSundowns kuma-qaurterfin­al, eMTN8.

Senyuleke kwelinye izinga isimo iChiefs idlala ngokulinga­na neGalaxy kowokuqala weligi, ibhaxabulw­a iRoyal AM iphinda ihlulwa yiSundowns.

Abalandeli baphinde badinwa ukungadlal­iswa kukaNjabul­o Ngcobo oklonyelis­wa ngendondo yokuba umdlali wasemuva ovelele ngesizini edlule esadlala kwiSwallow­s.Ijezi ubelizwa ngendaba phezu kokuba ebizelwa kwiBafana Bafana. Kunalabo abakhala ngokushint­shashintsh­a onozinti kukaBaxter.

NgoMgqibel­o, iChiefs izokwamuke­la iChippa United, koweligi oqala u-5.30 ntambama, eFNB Stadium.

Ngaphambi kwekhefu leFifa, uBaxter utshele abalandeli beChiefs ukuthi sekusele kancane ahlanganis­e inqanawe yeqembu elizobajab­ulisa.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa