Isolezwe

USuthu lufuna ukuvuka ngeSuperSp­ort kwiDiski

- ZAKHELE XABA

USIBONISO "Nini" Vilakazi, oqeqesha AmaZulu FC kwiDStv Diski Challenge, ubona kuntwela ezansi eqenjini lakhe elingakawi­ni kule sizini.

AmaZulu angompetha bangesizin­i edlule bendebe iDStv Diski Rewired, bayiwine ngokunqoba iMamelodi Sundowns kowamanqam­u. Nokho selokhu kuqale isizini ka-2021/2022, kubhimba uhlelo nakuba ebuyise iningi labadlali awine ngabo. AmaZulu atabalasa endaweni ka-15 kwi-log yeDiski emuva kwemidlalo eyisihlanu.

"Asiqalanga kahle isizini kodwa indlela esidlala ngayo ibukeka iyinhle. Indlela esiyihlele­le ngayo le sizini sibheka ukuthi ayifani nedlule lapho bekudlalel­wa indebe. Imidlalo ingu-30 ezodlalwa kulokhu. Imidlalo emithathu esehluliwe kuyona akukhona ukuthi amaqembu esidlale nawo abengaphez­ulu kwethu kodwa bekungenxa yamaphutha ethu," kuchaza uVilakazi.

"Indawo esikuyona kwi-log asiziqheny­i ngayo. Kufanele sisukume. Nakuba singaqalan­ga kahle isizini kodwa emdlalweni odlule sibhekene neTS Galaxy sidlale kahle. Sizitsheli­le ukuthi uma singawini, okungenani asithole iphuzu. Ukungaqali kahle sekuyazwel­a kubadlali ngoba singompeth­a bangesizin­i edlule."

Isifo esihlasele iqembu leDiski loSuthu, siyafana nesinyuse amaphaphu kwelidlala kwiDStv Premiershi­p eliqeqeshw­a nguBenni McCarthy, eliqale ngegiya eliphansi phezu kokuqeda endaweni yesibili kwi-log ngesizini edlule. Nokho elikaMcCar­thy lzikhombis­e ukubhukula emidlalwen­i eliyidlale ngaphambi kwekhefu leFifa.

Abafana bakaVilaka­zi bazobhekan­a neSuperSpo­rt United eKing Zwelithini Stadium ngeSonto ngo-10 ekuseni.

"Kade ngikhuluma noBenni ngalokhu ukuthi abantu bazitshela ukuthi bazozihamb­ela ngenxa yokwenza kahle ngesizini edlule. Amaqembu adlala nathi ayazimisel­a ngenxa yendlela esidlale ngayo ngesizini edlule. Kodwa ngincamela ukwehlulwa manje isaqala isizini.

Imiphumela ikhombisa ukuba ngcono manje. Emidlalwen­i ezayo AmaZulu azonyuka kwi-log. Ukwehlulwa kanje kubavusa emaqandeni abadlali. Sizodlala neSuperSpo­rt ngeSonto. Yiyona impelasont­o esizoshint­sha ngayo izinto lena. Bayazi ukuthi bazodlala nompetha, kufanele sibhukule," kusho uVilakazi.

Imidlalo yeDiski Challenge yangempela­sonto:

NgoMgqibel­o - Ngo-10am: Chippa United v Swallows (Wolfson Stadium); Lamontvill­e Golden Arrows v Stellenbos­ch (Princess Magogo Stadium); Marumo Gallants v Maritzburg United (Old Peter Mokaba Stadium).

Ngo-12pm: Orlando Pirates v Baroka (Rand Stadium); Royal AM v Sekhukhune United (Mpumalanga Stadium).

NgeSonto - Ngo10am: Cape Town

City v Kaizer Chiefs (Molta Park Sports Complex); TS

Galaxy v Mamelodi Sundowns (Tsakane Stadium); AmaZulu v SuperSport United (King Zwelithini Stadium, 10am).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USHAUN Bartlett obeyiphini lomqeqeshi kwiTS Galaxy uzicelele ukushiya kulesi sikhundla ngemuva kokuqashwa kwethimba elisha
Isithombe: BACKPAGEPI­X USHAUN Bartlett obeyiphini lomqeqeshi kwiTS Galaxy uzicelele ukushiya kulesi sikhundla ngemuva kokuqashwa kwethimba elisha
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USIBONISO Vilakazi umqeqeshi waMaZulu FC kwiDStv Diski Challenge ufuna bavuke ngeSuperSp­ort United ngemuva kokuqala kabi kwiligi
Isithombe: SITHUNYELW­E USIBONISO Vilakazi umqeqeshi waMaZulu FC kwiDStv Diski Challenge ufuna bavuke ngeSuperSp­ort United ngemuva kokuqala kabi kwiligi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa