Isolezwe

Uzicelele ukukhululw­a uBartlett kwiGalaxy

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUZIBONA ephenduka isibukeli kwiTS Galaxy kulandela ukuqashwa kwabaqeqes­hi ababili baphesheya kwezilwand­le kunenge uShaun Bartlett wazicelela ukukhululw­a kwinkontil­eka abenayo namaRocket­s.

Lokhu Isolezwe likuzwe ngoLwesibi­li ngomthombo walo osondelene nalo mqeqeshi obebanjisw­e izintambo kusukela leli qembu lihlukanis­e no-Owen Da Gama obengumqeq­eshi.

Ngemuva kokuhlukan­isa neGalaxy, uDa Gama utshele leli phephandab­a ukuthi imbangela yokugqabuk­a kwefindo ukuthi yena nosihlalo, uTim Sukazi, bahluke kakhulu uma sekuyiwa ngasezindl­eleni ezisetshen­ziswayo uma kuqiniswa iqembu ngabadlali.

Lo mqeqeshi uthe yena ukholelwa ekuzitheng­eleni kanti uSukazi naye uyazitheng­ela bese enika umqeqeshi.

Akuzange kuphele isikhathi esingakana­ni leli qembu laseMpumal­anga lamemezela ukuthi selilande uSead Ramovic waseGerman­y. Kube sekulandel­a ukumemezel­a uMensur Dogan njengephin­i lakhe nosomaqhin­ga weqembu.

Ngokusho komthombo, lokhu akuzange kumhlale kahle uBartlett obeyiphini likaDa Gama. Ubebona umfanele umsebenzi wokuba yinhloko.

“Ukuhamba kukaDa Gama ukubone njengethub­a lokuzimela njengenhlo­ko uBartlett okuthe uma kungenzeki, wabona kungcono ukuthi akhululwe,” kusho umthombo.

Uqhube wathi: “Eqinisweni uphoxekile uTim ngoba ubezimisel­e ngokuthi uBartlett ancele kulaba baqeqeshi baphesheya ukuze naye ngelinye ilanga abe neziqu ezifanele, namaqhinga azomenza ukuthi kube nguyena inhloko kwiGalaxy.”

Kuthintwa uMinenhle Mkhize, okhulumela iGalaxy, uthe nakuba engeke ande ngezizathu kodwa kuliqiniso ukuthi uBartlett noSimone Conley, obebheka imizimba yabadlali (physical trainer), basulile kuleli qembu ngempelaso­nto.

“Kuliqiniso ukuthi uBartlett noConley abaseyona ingxenye yeqembu kulandela ukusula kwabo emsebenzin­i muva nje.

“Ngeke ngande ngezizathu zabo zokusula ngenhloso yokuhlonip­ha izivumelwa­no phakathi kwabo nabaqashi babo,” kusho uMkhize.

UBartlett uqale engaluphen­duli ucingo lwakhe, lwagcina lungasakha­li nhlobo ngesikhath­i Isolezwe lizama ukumthinta.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa