Isolezwe

OweLions uthi kungasiza ukubuyiswa kwabalande­li

- SITHEMBISO MKHIZE

UMQEQESHI weHungry Lions, uHenry Basie, ukholwa wukuthi ukubuyiswa kwabalande­li ezinkundle­ni, kungasiza baqophe umlando wokwenyuke­la kwiDStv Premiershi­p, yize bengomakot­i kwiGladAfr­ica Championsh­ip.

Lo mqeqeshi utshele Isolezwe ukuthi njengoba besendawen­i yokuqala kwiGladAfr­ica, likhulu ngendlela emangalisa­yo isasasa kubantu basesifund­azweni sabo, iNorthern Cape.

Uthe lokhu kudalwa ukuthi sekuphele iminyaka ewu-16 bagcina ukuba neqembu elidlala kwiPremier Soccer League (PSL). Kwagcina ngeLouisva­le Pirates eyayidlala kwiGladAfr­ika ngo-2004/05, isabizwa ngeMvela Golden League.

UBasie uthe nakuba bekujabule­la ukwesekwa ngale ndlela kodwa kugcina sekuba nengcindez­i.

Uveze ukuthi lapho behamba khona izakhamuzi zaseNorthe­rn Cape, zibacela ukuthi banyusele iqembu kwiDStv Premiershi­p.

"Sizama ngayo yonke indlela ukugwema le ngcindezi. Uma nje ngingakuts­hela iqiniso, thina sizihlelel­e ukuthi sisonge isizini sisemaqenj­ini ayisithuph­a aphezulu. Nakuba kunjalo ngeke ngiqambe amanga, kungasijab­ulisa kakhulu ukuba yiqembu lokuqala laseNorthe­rn Cape ukudlala esigabeni esikhulu,“kusho uBasie.

ILions enesikwati sabadlali abawu-24, iqhwakele ngamaphuzu awu-13 emidlalwen­i eyisikhomb­isa. Isawuzwa ngendaba umpetshisi. Inqobe imidlalo emithathu, yadlala ngokulinga­na kwemine.

"Kusesekuse­ni, sizoqhubek­a nokuqapha isimo. Sikholelwa ekutheni uma kungavunye­lwa abalandeli ezinkundle­ni singathola umdlandla omkhulu. Sikholwa kulokhu ngoba abantu baseseka ngale ndlela phezu kokuba bengakaze basibone sidlala. Sinxusa abantu bakithi ukuthi bayogomela iCovid-19 ukuze bakwazi ukubuyela ezinkundle­ni, " kunxusa uBasie.

Nakuba ejabule ngesikwati sakhe lo mqeqeshi uthe bahlela ukusiqinis­a uma kuvulwa iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali.

NgeSonto ngo-3.30 ntambama, iLions izovakashe­la iTshakhuma, eThohoyand­ou Stadium, eLimpopo. ITshakhuma ebhaxabulw­e yiRichards Bay ngo-4-0 kodlule, izoya kulo mdlalo nomqeqeshi omusha uZeca Marques ozolekelel­wa uMulondo Sikhwivhil­u.

I-TTM isendaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu ayisishiya­galombili.

UBasie uthe umdlalo ubaluleke kakhulu ngoba bafuna ukuvula igebe lamaphuzu kwiPlatinu­m City Rovers, ababambene nayo ngamaphuzu awu-13. Nayo iRovers yaseNorth West, iyafika kwiGladAfr­ica Championsh­ip.

Imidlalo yangempela­sonto yeGladAfri­ca:

NgoMgqibel­o - Ngo-3.30pm: Free State v Tuks (Globe Park); Leopards v JDR (Old Peter Mokaba); All Stars v Bay (Parow Park); Rovers v Cosmos (Profert Olen Park).

NgeSonto - Ngo-3.30pm: Sporting v Venda (Kabokweni); Callies v Spurs Lucas Masterpiec­es Moripe); Tshakhuma v Lions (Thohoyando­u); Uthongathi v Polokwane (Princess Magogo).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa