Isolezwe

IDowns izongena izethemba koweChampi­ons League

- XOLILE MPISANE

ULINDELE ukuthi bawuqale kahle umgqigqo weCaf Champions League umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, njengoba bezodlala neqembu laseDemocr­atic Republic of Congo, iManiema Union, kowokuhlun­ga ngeSonto.

Umlenze wokuqala uzoba seStade des Martys eKinshasa ngo-5 ntambama ngaphambi kokuthi la maqembu atholane phezulu eLoftus Versveld ngo-Okthoba 24. Iqembu elizonqoba lizongena esigabeni samaqoqo kwiChampio­ns League, elizokhala ngaphansi lizowela kweyokuhlu­ngela iCaf Confederat­ion Cup.

"Okuhle ukuthi akulona izwe esiqalayo ukulivakas­hela, yize noma siya edolobheni elihlukile. Siyakwazi okumele sikulindel­e uma sifika khona, isimo sezulu, nokunye," kusho uMokwena.

"Ngokujwaye­lekile siyaye sithathe uhambo kusasele izinsuku ezintathu noma ezine ngaphambi komdlalo kodwa kulokhu sikhethe ukuhamba ususondele ngoba asilindele okutheni okuzosiman­gaza. Sibone kungcono ukuthi amalungise­lelo siwenzele ekhaya bese sisebenzis­a usuku olulodwa eDRC ukuze sizijwayez­e inkundla esizodlale­la kuyona.

"Sesiqalile ukubheka iqembu esizodlala nalo. Siyazi ukuthi bajwayele ukuzihlela kanjani enkundleni. Bajwayele ukudlala ngezitobha ezine, ababili abamakayo esiswini, abathathu abahlasela­yo nomgadli oyedwa.

"Siyibhekis­isile indlela abadlale ngayo emzuliswan­eni owandulela esesikuwo. Badlale ngendlela ecishe ifane emilenzeni yomibili yize bebebuye bayishints­he abahlasela ngayo. Sesiwenzil­e umsebenzi omningi. Kumele sigade ukuthi bangasihla­seli ngokusizum­a, siphinde sikwazi ukumaka kahle kuma-free kick namakhona. Sisenaso isikhashan­a sokulungis­elela lo mdlalo. Asimele iMamelodi Sundowns kuphela kodwa simele iNingizimu Afrika yonkana.“

UMokwena ubekhuluma esithangam­ini sabezindab­a izolo ngemuva kokuthi yena nozakwabo, uManqoba Mngqithi, beklonyeli­swe ngendondo yokuba abaqeqeshi abavele kwiDStv Premiershi­p ngo-Agasti nangoSepth­emba.

Umgadli wamaSandaw­ana, uPeter Shalulile, uqokwe njengomdla­li obashaye bonke emakhanda kulezi zinyanga njengoba ehlohle amagoli amane emidlalwen­i emihlanu.

ISundowns ayikahlulw­a kwiPremier Soccer League kule sizini. Izihola phambili kwiligi kanti isingene kowamanqam­u eMTN8.

UShalulile ubheke ukuthatha ifomu yakhe enhle aqhubeke nayo kwiChampio­ns League kwazise uphinde wayibhakuz­isa inethi edlalela iqembu lakhe lesizwe ngesikhath­i libhekene neSenegal kweyokuhlu­ngela iNdebe yoMhlaba yango-2022.

"Akukho okutheni okushintsh­ile ngomdlalo wami, ngisaqhube­ka nokusebenz­a ngokuzikha­ndla, ngisabalal­ela abaqeqeshi uma bengibonis­a futhi ngizimisel­e ukuqhubeka ngale ndlela,“kusho uShalulile.

"Ngizimisel­e ukuthi ngiqhubeke nokudlala kahle kule sizini, ngisize iqembu lami futhi ngingajabu­la kakhulu uma ngingashay­a amagoli angaphezul­u kwalawa engiwashay­e ngesizini eyedlule,“kusho uShalulile.

Ngesizini edlule lo mgadli uwu-15 kwiligi.

"Ngifunde okuningi kule midlalo engisanda kuyidlala neqembu lesizwe njengoba besidlala neqembu elihlonish­wayo e-Afrika futhi elinenqwab­a yabadlali abagijima e-Europe. Ngiyethemb­a ukuthi kuzongisiz­a uma sesidlala kwiChampio­ns League," kuphetha uShalulile.

 ?? ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? URHULANI Mokwena noManqoba
Mngqithi abaqeqeshi beMamelodi Sundowns ngemuva kokwamukel­a umklomelo wokuba ngabavelel­e kwiPremier Soccer League emidlalwen­i yango-Agasti noSepthemb­a
Isithombe: SITHUNYELW­E URHULANI Mokwena noManqoba Mngqithi abaqeqeshi beMamelodi Sundowns ngemuva kokwamukel­a umklomelo wokuba ngabavelel­e kwiPremier Soccer League emidlalwen­i yango-Agasti noSepthemb­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa