Isolezwe

Akukuhle ukuthi uthisha kube nguye ofundisa izingane ububhoklol­o

-

YIZE kwavalwa eminyakeni engu-25 edlule ukusetshen­ziswa kwenduku ezikoleni kepha iNingizimu Afrika isenenking­a yokushaywa kwabafundi.

Baningi bakholwa wukuthi kunzima kwabanye othisha nabazali ukuhlukana nenduku ngoba iyona ndlela abayaziyo neyayisets­henziswa eminyakeni edlule, ukukhalima izingane. Akungeni ukuthi induku kayisekho emthethwen­i.

IKomiti lamaLungel­o eziNgane kwi-United Nations, lichaza ukujeziswa ngokomzimb­a nganoma yisiphi isijeziso kusetshenz­iswa amandla futhi kuhloswe ukudala ubuhlungu, njengento engamukele­kile ezikoleni.

Nakuleli, umgomo wokuziphat­ha kothisha uthi kumele bahloniphe ubizo lwabo ngokufundi­sa nokuqeqesh­a abafundi futhi bahloniphe amalungelo abo. Kuthiwa othisha kufanele bakuthathe njengomseb­enzi wabo ukuqhakamb­isa amalungelo ayisisekel­o, njengoba enjalo kuMthethos­isekelo waseNingiz­imu Afrika.

Okunye okumqoka wukuthi othisha bamelwe wukugwema noma yiluphi uhlobo lokululaza, futhi bagweme noma yiluphi uhlobo lokuhlukum­eza, ngokomzimb­a noma ngokwengqo­ndo.

Iqiniso lithi abanye othisha kuyabehlul­a lokhu njengowase­Vumokuhle Primary, eMlaza okuthiwa uyalele abafundi ukuthi bamjezisel­e omunye ngokumshay­a ngoba kuthiwa umdelelile.

Kuthiwa uthisha wesifazane uvale umnyango wayalela ikilasi ukuthi lishaye umfundi, yena wahlala phansi wabukela. Kuthiwa umfundi ushaywe ngezimpama, wabhonywa, abanye bamthuhluz­a ngezincwad­i.

Kuthiwa uthisha uthe akafuni ukuzibambe­la ngezakhe izandla ngoba usaba ukulahleke­lwa wumsebenzi. Isenzo sikathisha sidinga ukugxekwa nxazonke ngoba ukuphaka impi, kuyicala. Ngale kwalokho, ufundisa izingane ububhoklol­o nokuthi udlame luyisixazu­lulo.

Nokho-ke siyathemba ukuthi uMnyango wezeMfundo uzobhekana naye ngendlela efanele ngoba akukuhle ukuboshwa kwawo ngenxa yesihluku sothisha kubafundi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa