Isolezwe

Sengathi zingebekho­na izinkinga kolwabasiz­i bothisha

-

MHLELI: Kwelakho elizikhiph­a zisashisa, ngivumele ngibuze umbuzo kuNgqongqo­she wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Kwazi Mshengu, ukuthi akuzokuba khona zihibe yini ngodaba lwabasizi bothisha?

Lokhu ngikubuzis­wa ukuthi nyakenye kwaba khona ukukhala kwababeqas­hiwe ngokubambe­zeleka kokukhokhe­lwa kwabo.

Kwaba nezinsolo zokuthi izikole nothishomk­hulu bazidlela yona le mali, futhi abanye bebanika engaphelel­e.

Besifisa ukuba kulokhu kungabi bikho ukukhala kwabantwan­a ngoba ngokwedlul­e wathi uMshengu bayaluqala lolu hlelo yingakho lunezihibe.

Yize abantwana bejabulela ikota yesinkwa kunokungat­holi lutho kodwa kusekhona ukukhala ngokungafu­ni ukuqasha kukahulume­ni wethu esifundazw­eni sethu, iKZN. Selokhu kungene le nsizwa yakwaMshen­gu ezintanjen­i, kunokungah­leleki kwezinto ekuqashwen­i kothisha.

Kuke kwaba nokukhala kokuthi ungase udilize uMnyango wezeMfundo ngenxa yokwehlisw­a kwesabelom­ali kuwona. Lapho kwasiza izinyunyan­a zothisha, iSadtu neNatu, zayilwa le mpi yokudilizw­a kothisha. Yize bayiwina kodwa kusenokukh­ala kokuthi izinyunyan­a zihlulwa yini ukulungisa inkinga yokungaqas­hwa kothisha esifundazw­eni.

Angethembe ukuthi uMshengu nethimba lakhe bazongasig­ili njengokwed­lule, lapho baholela izingane sekudlule isikhathi. Angethembe futhi bafundile emaphuthen­i abawenze ngokwedlul­e.

Ngibafisel­a inhlanhla abazonikwa ithuba lokuba ngabasizi bothisha futhi sibadinga behlomulil­e kakhulu kulo mkhakha wezemfundo.

Bese ngibalulek­a ngokuthi abayeke ukushaya izingane ngoba bese kunokukhal­a okukhulu kubazali ekutheni izingane bazishaya ukwedlula othisha bangempela. Bona okumele bakwenze ukusiza izingane lapho zisala khona ngoba bangabantw­ana bendawo.

Khabzela KB Mzimela

EZWELIBOMV­U

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa