Isolezwe

Kuphelile nge-Avanza, iRumion edlisayo manje

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUHLANGENE unyaka ogcwele ngenyanga edlule iToyota isiqedile nge-Etios, isikhala sayo yasivala ngeStarlet. Okwenzeke kwi-Etios, kuphinde kwi-Avanza, isikhala sayo sithathwa yiRumion ebiyethulw­a ngoLwesith­athu, eGoli.

Zombili izimoto, okuyiStarl­et neRumion zenzeke ngenxa yobudlelwa­no iToyota enabo neSuzuki. I-Starlet isuselwe kwiSuzuki Baleno kuthi iRumion kwi-Ertiga. Kukhona neSuzuki Vitara Brezza ezale iToyota Urban Cruiser.

“Indlela abantu abazamukel­e ngayo lezi zimoto ingaphezul­u kakhulu kunaleyo ebesiyilin­dele,” kusho uGlen Crompton, ophethe ezokumaket­ha kwaToyota, ngesikhath­i ephawula ngempumele­lo yeStarlet ne-Urban Cruiser.

I-Avanza esigijime emigwaqwen­i kusukela ngo-2006, bathi ushintsho ludalwe ukubiza kwayo, indlela ebukeka ngayo nezinto enazo yingakho befake iRumion.

I-Rumion iyafana ne-Ertiga kepha ishintshe kakhulu kwi-grille ephicwe nge-chrome.

Itholakala ngezinhlob­o ezintathu okuyiS okuyiyo eyokuqala, iSX ephakathi neTX ephezulu.

Ifika namasondo angu-15 inch anamakhava noma amarimu, kuya ngenhlobo yakho. I-Avanza ibifika nangu-14 inch. Njenge-Avanza, ilayisha abagibeli abayisikho­mbisa ngaphakath­i futhi ibukeka inkudlwana. Isikhala ebhuthini sinendawo yokubeka ngaphansi futhi uyakwazi ukuzilalis­a ukuze kwande isikhala.

Ine-aircon ngaphambil­i nangemuva, amawindi kagesi, ama-sensor ngemuva noma ikhamera, Apple CarPlay/Android Auto, Bluetooth, Wi-Fi, umphico osaplangwe kwi-dashboard nokunye. Kuya ngenhlobo oyithathay­o.

Zonke zinenjini eyodwa engu-1.5 litre enamandla angu-77kW ne-torque engu-138Nm, kukhona i-gearbox ewu-5 speed manual newu 4-speed auto. Kuphethrol­i bathi idla amalitha angu-6.2 ngo-100km. Ngiyishaye­le kancane izwakala ikahle emgwaqweni, ayinamsind­o wenjini ngaphakath­i.

Kwezokuphe­pha inama-airbag ngaphambil­i, amabhreki e-ABS ne-EBD bese iba ne-alarm.

Intengo:

600

500

Rumion 1.5 S

Rumion 1.5 SX MT

Rumion 1.5 SX AT

- R 245

- R 273

- R 289

200

600

200

Rumion 1.5 TX MT

Rumion 1.5 TX AT

Zonke izinhlobo ziphuma namasevisi amane amahhala noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa