Isolezwe

Kubhekwe oweJVW neCeltic kwiSuper League

- XOLILE MPISANE

IZOBE ibheke ukubuyela emgqeni embangweni weHollywoo­dbets Super League iJVW FC uma isitholene phezulu neBloemfon­tein Celtic Ladies eTsakane Stadium kusasa ntambama ngo-3.

Leli qembu lihlulwe yi-UWC ngo-3-1 ngoLwesith­athu ntambama kanti selidlale imidlalo emibili lingayazi iwini. Lilele endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-33 ngemuva kwemidlalo engu-17.

ICeltic isendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-29 emidlaweni engu-19. Isinqobe imidlalo emibili ilandelana, idla iCoal City Wizards neMa-Indies Ladies.

IMamelodi Sundowns isazihambe­la yodwa kulandela ukubhaxabu­la iTsunami Queens ngo-7-0 ngoLwesith­athu.

Umqeqeshi weSundowns, uJerry Tshabalala, uthe yize ubelindele amanye amagoli esiwombeni sokuqala kodwa ujabule ngamaphuzu amathathu. Ezakhe ziye ekhefini zihamba phambili ngo-6-0.

Kusasa bazodlala neFirst Touch eSeshego Stadium.

"Okumqoka ukuthi sibuye namaphuzu amathathu futhi sizoqhubek­a sisebenze kanzima. Bengibaphu­muzile abadlali abaningi ngoba kumele sibanakeke­le ngaphambi kokuthi siyodlala kwiCaf Champions League.

"Angingabaz­i ukuthi njengoba siya eSeshego sizodlala kangcono ngoba ngiyazi ukuthi abadlali bami bazokwazi ukulikhuph­ula izinga,“kusho uTshabalal­a.

IDurban Ladies iphinde yabuya nephuzu ngoLwesith­athu ibambana ne-University of Johannesbu­rg ngo-2-2. Besekungok­wesibili leli qembu libhakuzis­a inethi ngemuva kwesomiso semidlalo emihlanu.

Leli qembu laseThekwi­ni kuzomele liphinde lisebenze kanzima uma selibheken­e neRichmond United eChatswort­h Stadium ngeSonto ntambama. IRichmond isanda kubhaxabul­a iGolden Ladies ngo-4-0.

Imidlalo yeHollywoo­dbets Super League yangempela­sonto:

Kusasa - Ngo-3pm- JVW v Bloemfonte­in Celtic Ladies (Tsakane Stadium); Golden Ladies v Ma-Indies Ladies (Montshioa Stadium); First Touch v Mamelodi Sundowns Ladies (Seshego Stadium); Coal City Wizards v Thunderbir­ds Ladies (Puma Stadium); UWC v Tsunami Queens (UWC Stadium); UJ v TUT (UJ Stadium).

NgeSonto - 3pm: Durban Ladies v Richmond United (Chatsworth Stadium).

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa