Isolezwe

USamthing Soweto nochungech­unge lwemicimbi

- FANELESIBO­NGE BENGU Amagents or Never Tour.

UMCULI uSamthing Soweto uthi ukuthakase­lwa komculo wakhe omusha kumenza ajabule futhi azizwe enomdlandl­a. Lo mculi uke waba sematheni emasontwen­i edlule ngemuva kokubonaka­la kwesithomb­e sakhe ehle emzimbeni.

Abantu bazwakalis­a ukukhathaz­eka waze waqopha i-video echaza ukuthi akaguli kodwa waveza ukuthi kunezinto abebhekene nazo. NgoLwesihl­anu ukhiphe ingoma ethi

ethakaselw­e kangangoku­ba ihlale phezulu ezingomeni ezidlalwa kakhulu ku-Apple Music eNingizimu Afrika.

“Ngijabule. Ingoma iphumile futhi ihleli phezulu. Iyangijabu­lisa leyo ndaba. Abantu bangeseka ngenye indlela, bangikhath­alele futhi banendaba nami nokuyinto engijabuli­sayo,” kusho uSamthing Soweto.

Lo mculi oke wacula eqenjini iThe Soul, uthe ekuqaleni konyaka ufake amazwibela ezingoma zakhe ukuze ezwe uvo lwabantu ukuthi bayazithan­da yini.

“Abanye bagcine sebezisebe­nzisa kwiTik

Tok zingakaphu­mi. Ngesikhath­i sengikhiph­a bengingali­ndele ukuthi bazoyithak­asela kangaka. Ngiyabonga. Kuleli sonto ngizomemez­ela uchungechu­nge lwemicimbi engizoyiha­mbela.”

Ufakile emakhasini akhe ukuthi uzoba nochungech­unge olubizwa ngeNow

Akavezanga ukuthi uzohamba kuphi kodwa wathi amathikith­i azoqala namhlanje ngo-12 ukudayisa.

Uthe umculo awenzayo akazi ukuthi owaluphi uhlobo kodwa ukholwa ukuthi ungena ngaphansi kwe-Afro pop “noma yisoul music yaseMzansi”.

“Ngisebenza phezu kwe-albhamu ezophuma ngaphambi kokuphela konyaka. Usuku angikakabi nalo okwamanje.

“Izingoma engizifake ezinkundle­ni zokuxhuman­a yizo engizokwak­hela phezu kwazo nezinye abantu abangakazi­zwa engingatha­nda ukuthi bazibone uma seziphuma.”

 ?? ?? UMCULI uSamthing Soweto ujabule ngendlela abantu abayamukel­e ngayo ingoma yakhe entsha
UMCULI uSamthing Soweto ujabule ngendlela abantu abayamukel­e ngayo ingoma yakhe entsha
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa