Isolezwe

Bazimisele ukusebenza bobabili uSun-El noMsaki

- NOKUBONGWA PHENYANE

ABACULI bakuleli, uSun-El Musician noMsaki bathi basazoqhub­eka nokusebenz­a ndawonye, banike abathandi bomculo ukudla kwendlebe njengoba ziningi izingoma asebeziqop­hile, abangazi noma bazikhiphe zibe yi-EP noma i-albhamu ngoba banomseben­zi omningi.

Baqale ukusebenzi­sana engomeni kaSun-El ethi Ubomi Abumanga, abathi yenze kahle impela kunento ababeyilin­dele.

Bekhuluma neSolezwe uSun-El uthe uMsaki yintokazi enekhono uma ulalele umculo wayo. Uthe lokho kwamenza wabona ukuthi bangaseben­zisana ezingomeni eziningi.

“Ingoma ethi Ubomi Abumanga sayenza sidlala, sifuna ukubona ukuthi abantu bazowuthak­asela kanjani umculo wethu sisobabili. Namanje ngendlela eyenza kahle ngayo sihamba izindawo ezehlukene abantu besifuna sobabili, ukuthi sizobajabu­lisa ngayo.

“Ngakho ukubona ukuthi konke kusihambel­a kahle emculweni, ngikhethe khona ukuthi sivele siqhubeke senze nezinye izingoma, uma sengiqede ukusebenza i-albhamu kaSimmy, okuyiyona engimatasa ngayo manje,” kusho uSun-El.

Uthe ingcindezi eqhamuka kubantu ikhona, yingakho bechitha isikhathi esiningi besebenza bobabili estudiyo.

UMsaki uthe uyamhlonip­ha uSun-El, amchaze ngokuthi unguphroju­sa olalelayo futhi okwaziyo ukusebenza ngaphandle kwezinking­a nempakamo.

Uthe yize esengene emculweni odansisa abantu kodwa ujabule ngoba usacula ngendlela yakhe akashintsh­ile lutho.

Laba bakhuluma kanjena nje bazobe bengabanye babaculi abaphambil­i emcimbini waphesheya kwezilwand­le, iBudXLab, ezoba seGoli. Kuzonandis­a kuwona abaculi okukhona kubo uSebastian Dutch noMpho Wav.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa