Isolezwe

UMthethwa usebiza iKaya FM ngeKhaya elisha

- FANELESIBO­NGE BENGU

UBUYELA ekusakazen­i umculi wowokholo waseThekwi­ni, uKhaya Mthethwa, osejoyine iKaya FM yaseGoli.

UKhaya, oke wasakaza kwiMetro FM phambilini, uzokwethul­a uhlelo, iNoted, ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini ngoMgqibel­o.

Lo msakazi akuyena yedwa ojoyina iKaya FM. Phambilini kuqiniseki­siwe ukuthi uDineo Ranaka, olaxaze iMetro FM, ungomunye wabasha. Uzokwethul­a uhlelo lwasekusen­i phakathi nesonto kusuka namhlanje noSol Phenduka owethula uhlelo, iPodcast and Chill, noMacG kuYouTube.

ISABC isikuqinis­ekisile ukuthi isikhala sikaDineo ohlelweni, iThe Bridge, ngo-9 kuya ku-12 emini, sizovalwa nguSabelo “DJ Sabby” Mtshali.

USabby uzoqhubeka nokwethula uhlelo lwakhe, iMetro FM Top 30, ngoMgqibel­o ngo-9 kuya ku-12.

“Eminyakeni engu-32 uDJ Sabby usezuze okuningi abaningi abaphupha ukukuzuza futhi njengoba eneminyaka eminingi emlindile, yena nesiteshi bajabule ngokuthi indlela ibheke kuphi,” kusho umphathi weMetro FM, uKina Nhlengethw­a.

Owayengums­akazi weMetro FM, uThomas Msengana, nosomahlay­a, uSkhumba Hlophe, abebengena ekuseni, sebefakwe ebusuku. Laba bobabili bazokwenza uhlelo, iLast Call, ngo-10 kuya ku-12 ebusuku ngoMsombul­uko kuya kuLwesine kuthi ngoLwesihl­anu baqale ngo-9 kuya ku-12 ebusuku.

Izithandan­i eziphinde zeluleke ngobudlelw­ano, uMo noPhindi Grootboom, ziqashelwe ukwethula uhlelo, iThe Family, ngo-9 kuya ku-12 emini ngeSonto.

UMphathi weKaya FM oke waphatha iMetro, uSibongile Mtyali, uthe lezi zinguquko zikhombisa ukuthi kule minyaka engu-25, isiteshi esaqala ngayo, siyakwazi ukumelana nezidingo zabalaleli zokwethula izinhlelo eziseqophe­lweni.

“Ukwengezwa kwabantu abafana noDineo, Sol Phenduka, Khaya Mthethwa noMo noPhindi nokuhlela kabusha kwabanye bethu, kuyigxathu elimqoka iKaya 959 elilithath­ayo ukukhulisa isiteshi,” kusho uSibongile.

 ?? ??
 ?? ?? UMCULI, uKhaya Mthethwa, ujoyine iKaya FM asezosakaz­a kuyo
Isithombe: INSTAGRAM
UMCULI, uKhaya Mthethwa, ujoyine iKaya FM asezosakaz­a kuyo Isithombe: INSTAGRAM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa