Isolezwe

Usenkingen­i oshaye isidudla ngemoto kamasipala

- SABELO NSELE

UYAFUNGA uyagomela uMasipala waseMsundu­zi ukuthi uzowukhomb­a umuzi onotshwala umsebenzi wawo oxebule isidudla ngemoto yomkhandlu.

Okhulumela umasipala, uNkk Ntobe Mkhize, uthe sebeqale uhlelo lokumqondi­sa ubugwegwe umsebenzi womkhandlu othinteka kulesi sigameko.

Ukusho lokhu emva kokusabala­la kwe-video ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ekhombisa imoto enamagama omkhandlu ixebula isidudla.

Kule video kuzwakala abantu behlohla umshayeli wemoto bethi “akayishaye”.

Ivideo ithathwe ebusuku, kanti kusolwa ukuthi isigameko senzeke ngempelaso­nto.

Yize kukhala amakhwela ngesikhath­i umshayeli wemoto “egugisa ithayi”, kunezwi lowesilisa ozwakala ekhala ngalesi senzo.

“Bafowethu izimoto zakomasipa­la badlala ngazo kanje abasebenzi bakhona. UMsunduzi, bese uthini? Imali kahulumeni,” kukhala owesilisa.

UNkk Mkhize uthe bona njengomkha­ndlu abahambisa­ni nesigameko.

“Siyasigxek­a ngazo zonke izindlela lesi sigameko. Sesiqale uphenyo futhi zikhona nezinyathe­lo zokuqondis­a ubugwegwe esesizitha­thile silandela isivumelwa­no sokuziphat­ha esisayinwa abasebenzi bomkhandlu.

“Umkhandlu ngeke unanaze ekujezisen­i abasebenzi abaganga ngempahla kahulumeni. Lesi senzo siphambene nesivumelw­ano sokuziphat­ha futhi sifaka umasipala ehlazweni.

UNkk Mkhize uthe baphenya nokuthi ngabe lo msebenzi wayenalo yini igunya lokushayel­a imoto ngelanga lesigameko.

“Isigameko senzeke ngempelaso­nto. Yebo bakhona abasebenzi bomkhandlu abasebenze ngempelaso­nto. Kungenzeka ukuthi wayesebenz­a, ingakho ayehamba ngemoto yomkhandlu ngempelaso­nto. Uphenyo ilona oluzocacis­a kahle.”

UNkk Mkhize uncome ilungu lomphakath­i elithwebul­e i-video, wathi isenzo salo sikhombise ukukhathal­ela impahla kamasipala.

“Umasipala uwashayela ihlombe amalungu omphakathi abike ngalesi sigameko. Ukubika ngaso kuzokwenza ukuthi umasipala uthathele abathintek­ayo izinyathel­o, nokuzoncip­hisa izigameko ezifana nalezi. Amalungu omphakathi akumele athule, abukele kudlalwa ngempahla yomkhandlu. Phela impahla yomkhandlu yimpahla yawo umphakathi. Ngaphandle kwempahla umasipala ngeke ukwazi ukuhambisa kahle izidingo.”

Abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a bebehluken­e phakathi ngalesi sigameko.

Bekukhona abebegxeka isenzo besibiza ngokuxhash­azwa kwempahla kamasipala.

Bathe abasebenzi bomasipala abafana nalo oshaya isidudla ngemoto yomkhandlu yibona abenza ukuthi omasipala bahluleke ukuhambisa izidingo. Bathe umasipala unezinking­a eziningi kakhulu ezifana nokungcola kwedolobha, bathi abasebenzi bakhona kufanele bagxile ekulungise­ni lezi zinkinga.

Abanye bavele bayiphendu­la ihlaya yonke le nto.

Bebesho nokusho ukuthi isenzo somshayeli sikhombisa ukuthi idolobha uMgungundl­ovu “lehlule”.

Abanye baze bathi uMgungundl­ovu kufanele “ukhishwe ibhodwe” lawo ngoba abantu bakhona abalawulek­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa