Isolezwe

Amaphoyisa azoqinisa isandla ngempelaso­nto

- FANELESIBO­NGE BENGU

AMAPHOYISA kaMasipala weTheku azobe ekanise edolobheni lonke ukuqinisek­isa ukuthi imithetho iyalandelw­a njengoba kulindelek­e izinkumbi zabantu edolobheni ngempelaso­nto.

Lokhu kuvezwe ngokhulume­la amaphoyisa kaMasipala weTheku, uSuperinte­ndent Boysie Zungu, othe bazobe bephume ngezinkani njengoba kulindelek­e ukuthi kuphithize­le kwazise kusasa kunomcimbi omkhulukaz­i, iHollywood­bets Durban July.

“Sizobe sigcwele iTheku lonke. Izinhlelo sinazo zokuqinise­kisa ezokupheph­a. Sizobe sikuzo zonke izindawo njengasema­bhishi, eGreyville lapho kuzobe kuneDurban July khona nakuFlorid­a Road. Sizokwandi­sa isibalo samaphoyis­a futhi sibe nezivimbam­gwaqo ezindaweni esingeke sisho ukuthi yiziphi,” kusho uZungu.

Uthe njengoba emabhishi kungavumel­ekile ukuthi kubhukudwe ngenxa yegciwane i-E-Coli, abazophula umthetho bazojeza.

“Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi yonke imithetho yedolobha iyalandelw­a ngoba abazoyiphu­la bazokhalel­wa ngamasongo kaSigonyel­a njengacham­a noma yikuphi. Izinyathel­o zizothathw­a kwababhuku­da ngenkani ngoba akuvumelek­ile,” kuchaza uZungu.

Uthe abashayeli kumele bayilandel­e imithetho yemigwaqo futhi bahloniphe nemiyalelo.

“Kuzoba namabhodi ashoyo ukuthi akupakwa endaweni ethize. Uma upake lapho, imoto izothathwa,” kusho uZungu.

Okhulumela amaphoyisa eSAPS KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe bazosebenz­a nabahleli bomcimbi ukwenza isiqinisek­o sokuthi abukho ubugebengu.

“Kuzotshalw­a amaphoyisa enkundleni nangaphand­le ukugwema ubugebengu.

“Sinxusa abantu ukuthi baqaphele futhi babike okusolisay­o kwabezokup­hepha abazobe betshaliwe,” kusho uConts Ngcobo.

UMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, unxuse ukuthi abashayeli bashayele ngokucophe­lela.

“Kuyaziwa ukuthi ngalesi sikhathi siyanda isibalo sabasebenz­isa imigwaqo emikhulu ehlanganis­a uN2 noN3 ukuya eThekwini. Kuba yizivakash­i ezivela ezifundazw­eni ezingomakh­elwane nakwezinye izindawo esifundazw­eni. Abashayeli bayaxwayis­wa ukuthi baqaphele ngoba imigwaqo eminingi ilinyazwe yizikhukhu­la zakamuva nokwenza kube nesiminyam­inya nokubambez­eleka.

“Kweminye imigwaqo kuncishisw­e imizila futhi kweminye sekunemigo­di ngenxa yemvula. Kuyakhiwa futhi njengengxe­nye yohlelo lukahulume­ni.”

Uhulumeni wesifundaz­we ubambisene neSouth African

National Road Agency, baqhamuke nohlelo lokumelana nesimo ukugwema izingozi ezenzeka kuN3 ngakuPeter Brown ezihlangan­isa amaloli amakhulu.

“Uhlelo luhlangani­sa ukufakwa kwamakhame­ra ukubheka isiminyami­nya, ukutshala amaphoyisa ukuthi asize nokuthi wonke amaloli amakhulu ame, nokufaka amarobhoth­i nobuchweph­eshe ukulawula izimoto.”

Umnyango uthe ucele namanye amaphoyisa eRoad Traffic Management Corporatio­n futhi uzobe ubhekene ngqo nabashayel­a bephuzile, abashayela ngesivinin­i esiphezulu nabangenaz­o izincwadi zokushayel­a.

 ?? ?? IZOLO abeqhubeka amalungise­lelo okusingath­a umncimbi iHollywood­bets Durban July, kulungiswa amatende azohlala abazohambe­la umcimbi Isithombe: THEO JEPTHA
IZOLO abeqhubeka amalungise­lelo okusingath­a umncimbi iHollywood­bets Durban July, kulungiswa amatende azohlala abazohambe­la umcimbi Isithombe: THEO JEPTHA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa