Isolezwe

Kugxekwa ukuphazany­iswa kwezivivin­yo emanyuvesi

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, usegxeke abaphazami­sa ukubhalwa kwezivivin­yo ezikhungwe­ni zemfundo ngoba kukhona abasuke benganeme ngakho.

UNzimande uthe lokhu kubeka engcupheni ikusasa lezitshude­ni ezisuke zifuna ukuthola iziqu ngaphandle kokuphazam­iseka.

“Ngifuna ukuhlaba ikhwelo lokuthi kumele sizivikele izivivinyo ezikhungwe­ni zemfundo. Akumele sisebenzis­e izivivinyo ukulwa izimpi noma uma kukhona esikufunay­o. Kumele sigxeke nokuphazan­yiswa kwemicimbi yokuthwesw­a kwezitshud­eni iziqu,” kusho uNzimande.

Usho lokhu nje ezikhungwe­ni eziningi kube neziteleka kwaphazami­seka imicimbi yokuthwesw­a kweziqu, kwezinye kwaphazami­seka izivivinyo njengoba kubhalwa.

Uthe intsha eningi efunda ezikhungwe­ni zemfundo isuke ingeyokuqa­la emakhaya lapho ivela khona ukuthi kube nomuntu ofunda enyuvesi.

Ukhale nangokupha­zamiseka kokusebenz­a ezikhungwe­ni okubalwa i-UNISA, Central University of Technology

(CUT), Mangosuthu University of Technology (MUT), Vaal University of Technology (VUT) naseTshwan­e University of Technology (TUT).

“Ngiyazibhe­ka izinkinga kulezi zikhungo. Maduzane ngizohlang­ana nomkhandlu wenyuvesi i-Unisa ukubhunga ngezinto ezithinta nokungabik­hona kozinzo, ukucekelwa phansi kwempahla. Abaphathi abaqhubeke nokusebenz­isana nezinye izinhlaka ukuze kube nozinzo.”

Ubalule nokuthi uzoxhumana nomkhandlu waseMUT, ngezinking­a ezikhona kulesi sikhungo. Udalule nokuthi uzobuye ahlangane nemikhandl­u yaseCUT naseVUT ukuze kulungiswe nezinkinga.

EMUT kushiswe izimoto kwacekelwa namanye amabhilidi kwenziwa yizitshude­ni ebezikhala ngezinto eziningi ezithinta ukuphepha nokungaxha­swa kwabanye ozakwabo yiNSFAS.

Kumiswe izitshuden­i kule nyuvesi kanti kusolwa nokuthi nezinye izitshuden­i zaziyingxe­nye yalo mbhikisho.

Uthe kule nyanga uzohlangan­a nezinhlaka ezehlukene okubalwa inhlangano yemikhandl­u yezitshude­ni emanyuvesi i-SAUS, izinyunyan­a zabasebenz­i nezinye izinhlaka ezikhungwe­ni zemfundo ukuxazulul­a izinkinga ezikhona ezikhungwe­ni.

“Uma sengiqeda ukuhlangan­a nezinhlang­ano zezitshude­ni nabasebenz­i, ngizohlang­ana nabaphathi bamanyuves­i kanjalo nabamakoli­shi. Kuyadingek­a ukuthi sisebenzis­ane uma kunezinkin­ga zixazululw­e ngokushesh­a kungaze kucekelwe phansi impahla.”

 ?? ?? UDKT Blade Nzimande ugxeke labo abaphazami­sa izivivinyo ukulwa izimpi njengaseMU­T lapho kushiswe khona indlu yonogabda
UDKT Blade Nzimande ugxeke labo abaphazami­sa izivivinyo ukulwa izimpi njengaseMU­T lapho kushiswe khona indlu yonogabda
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa