Isolezwe

Ligwetshiw­e iphoyisa elafuna ukugwazelw­a

- SABELO NSELE

LIZOBHADLA ejele iphoyisa lomgwaqo elafuna ukugwazelw­a ngezinkulu­ngwane zamaRandi. UDumisani Mchunu (45), oyiphoyisa likaMasipa­la uMvoti, ulahlwe yicala lenkohlaka­lo wabe esegwetshw­a yiNkantolo yesiFunda eMgungundl­ovana, ngoLwesibi­li.

Inkantolo imgwebe iminyaka emine.

UMchunu waboshwa ngasekuqal­eni kwalo nyaka emva kokuba efune ukugwazelw­a ngumnikazi wemoto ayeyivimbe emgwaqweni.

Ngokwesita­timende samaphoyis­a, uMchunu kuthiwa washaqa imoto eyayinezin­ombolo zaseGauten­g ngoba ethi amaphepha okubhalisw­a kwayo akokoteliw­e.

Kuthiwa wabe eseyalela umnikazi wemoto ukuba amgwazele ngoR10 000 ukuze ezodedela imoto lapho yayigcinwe khona, ephawundin­i likamasipa­la.

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe umnikazi wemoto, owayengaja­bule ngesenzo sikaMchunu, wabe esebikela oKlebe wabacela ukuthi baphenye lolu daba.

“Udaba lwabe selusingat­hwa amaphoyisa alwa nenkohlaka­lo aqhamuka eThekwini. Emva kophenyo olunzulu, amaphoyisa abe esebopha uMchunu ngoMashi wakulo nyaka. Amthola elapho esebenzela khona, emahhovisi kamasipala. Wabe esethweswa icala lenkohlaka­lo.”

Emva kokuboshwa, uMchunu wadedelwa ngebheyili kaR1 000. UMhlongo uthe emva kokuvela kaningi enkantolo, uMchunu ugcine elahlwe yicala wabe eseyagwets­hwa.

“Ugwetshwe iminyaka emine. Emibili yale minyaka uzoyidonsa engaphansi kweso loMnyango wezokuHlun­yeleliswa kweziMilo.”

Udaba lukaMchunu luke lwasusa umsindo emva kokuvela kwezinsolo zokuthi waqhubeka nokusebenz­a emva kokudedelw­a ngebheyili.

Imithombo yeSolezwe yaveza ukuthi uMchunu ubeqhubeka nokusebenz­a yize ebegqigqa enkantolo.

Umthombo waveza nokuthi uMchunu ubesefihli­we emehlweni abantu futhi engasawugq­oki umfaniswan­o.

Kuthiwa ubesehlola izimoto ngaphakath­i kwamasipal­a, engasaphum­i.

Okhulumela umasipala, uNksz Phindile Phungula, uthe umasipala wammisa uMchunu emva kokuba ethweswe amacala.

“Sabe sesiqala uphenyo lwangaphak­athi. Emva kwalokho uMchunu wabe esekhetha ukusula emsebenzin­i ngaphambi kokuthi udaba lwakhe lulalelwe.”

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa