Isolezwe

Uphume ngebheyili osolwa ngokudlwen­gula akhulelise umzukulu

- NOKULUNGA MKIZE

UDEDELWE ngebheyili yiNkantolo yeMantshi yaseNtuzum­a, umkhulu oneminyaka engu-75 osolwa ngokudlwen­gula nokukhulel­isa umzukulu

(19) eNkantolo yeMantshi yaseNtuzum­a izolo.

Ikhehla okuthiwa lingumfund­isi laseNewtow­n A, eNanda, liphume ngebheyili ngemuva kokuthi ummeli (ongathanda­nga ukuthi igama lakhe lidalulwe) eveze ukuthi isimo sempilo yalo asisihle, ngakho kasimi ukuthi agcinwe ngaphakath­i ngaphandle kobufakazi obuqinile.

Ummeli uphinde waveza incwadi athe isayinwe abahlali baseNanda abangu-30, besho ukuthi bayameseka umsolwa futhi abanayo inkinga uma eqhubeka nokuhlala kule ndawo uma ethola ibheyili.

Imantshi ibize umseshi ophethe icala uSeargent Wandile

Mkhize ukuzoqinis­ekisa isitatimen­de abesilethe enkantolo ephikisa ibheyili kamsolwa, edalule ukuthi umphakathi waseNewtow­n A uthi awumdingi umsolwa endaweni ngenxa yesenzo esibi okuthiwa usenze kumzukulu wakhe.

UMkhize uphinde waveza ukuthi umgilwa unezinyang­a ezinhlanu ekhulelwe, nokuthi kulindelek­e ukuthi enze ulibofuzo emuva kokubeleth­a ngoba ukulwenza ngalesi sikhathi kungaba yingozi.

Uphinde waqiniseki­sa ukuthi ikheli laseYellow­ood Park azoya kohlala kulona ummangalel­wa uma ethola ibheyili, kuhlala khona indodakazi yakhe ethembise ukumamukel­a uma efika.

Umshushisi uNksz

Mbali Cele, uthe uphenyo aluphelele futhi abakwazi ukwamukela incwadi esayinwe umphakathi ngoba akukho okuqinisek­isa ukuthi isayinwe amalungu omphakathi ngempela, futhi isimo sempilo kamsolwa singathola ukunakekel­wa kunoma yisiphi isibhedlel­a, ngisho esagcinwe ngaphakath­i.

Uqhube wathi ngeke kulunge ukuthi inkantolo ibeke phambili isimo sempilo yakhe bese ikhohlwa ukuhlukume­zeka kukamgilwa, futhi azikho izinto azibekile phambi kwenkantol­o eziveza ukuthi isimo sakhe siyaphuthu­ma.

Inkantolo ithe iyibhekile incwadi evela kudokotela elethwe umsolwa nokuthi unobudlelw­ano obuhle nomndeni aphinde abe umuntu obheke ikhaya ngemali yempesheni, yaveza ukuthi umgilwa ukhulelwe, okuzothath­a isikhathi ukwenza ulibofuzo.

Iphinde yaveza ukuthi umsolwa waziletha esiteshini samaphoyis­a ngenkathi ezwa ukuthi uyafuneka.

Uzobuye avele enkantolo efanayo ngoJulayi 18, nonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa