Icasule abaningi inkohlakalo yeCovid-19 - Gungubele
UNGQONGQOSHE eHhovisi likaMengameli, uMnuz Mondli Gungubele, uthi inkohlakalo edle lubi ngesikhathi kuhlasele iCovid-19 icasule abantu abaningi ezweni.
UGungubele uthe le nkohlakalo ibithinta indaba yokuthengwa kwezinto zokuzivikela kuleli gciwane.
“Inkohlakalo yagubuzela yonke into ethinta leli gciwane, abantu bacasuka. Ukwengeza emalini yokuthenga izinsiza, ukudliwa kwemali ngezinye zezinto ezigqame kakhulu ngalesi sikhathi.”
Ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa umbiko wezwe othinta leli gciwane, owagqugquzelwa ukuthi wenziwe ngowayengungqongqoshe ehhovisi likamengameli, uMnuz Jackson Mthembu, owabulawa yiCovid-19.
Uthe lo mbiko ulungiselela izwe ukuthi likwazi ukubhekana nezinhlekelele.
Ubalule ukuthi ngesikhathi kuhlasela leli gciwane, ziningi izinto okwadingeka zivalwe ukuze kuphephiswe abantu.
Ezinye zazo wukuvalwa kokudayiswa kukagwayi kanjalo notshwala ngezinye izinsuku.
Kwavalwa izwe, abantu bahlala emakhaya, kwahamba ababenezimvume kuphela zokuhamba ngoba besebenza.
Kwancishiswa isibalo sabantu abahambela imicimbi okubalwa izinkonzo, kwaphoqwa ukuthi kugqokwe izifonyo cishe iminyaka emibili.
Uthe namanje akakakujwayeli ukuthi isifonyo asisafakwa, wagqugquzela ukuthi abantu bagomele leli gciwane ngoba lisekhona futhi lisabulala.
“Kunezinhlelo zokuqeda indlala uhulumeni aqhamuka nazo ukusiza abantu abahlwempu. Kunesibonelelo sabangasebenzi okumanje sisaqhubeka nokuholwa noma sesiphumile ngaphansi komthetho wezinhlekelele. Le mali izoholwa kuze kube wu-2023,” kusho uGungubele.
Uthe inhloso manje ngukuthi uhulumeni aqhubeke ahlenge impilo yabantu bakuleli.
Ubalule nokuthi leli gciwane liveze nokungalingani ezweni.
“Kunokungalingani ezweni ngakho leli gciwane liveze konke lokho. Kuvele elikhulu igebe ezintweni ezithinta ukufunda ngeinternet ezikoleni.
“Iningi labafundi alikwazanga ukufunda ngenxa yokuthi ezobuchwepheshe azikho.”
Uthe uhulumeni wenze izinhlelo zokusiza osomabhizinisi, nabasebenzi bahlomule ngokunikwa uchatha emiholweni yabo ebeyehlisiwe.