Isolezwe

Yakhiwe ngendlela engafanele iNyobeni: Buffalo City

- SIPHOKAZI VUSO

INDAWO yokucima ukoma, iNyobeni eseScenery Park, e-Eastern Cape, lapho okushone khona izingane ezingu-21 ngesonto, yakhiwe ngendlela engafanele. Nokulungis­wa kwayo akuphasisw­anga.

Lokho kuvezwe wuMasipala iBuffalo City ngoLwesith­athu.

Okhulumela umasipala, uMnuz Samkelo Ngwenya, uthe abakaze bathole sicelo sokusebenz­isa umhlaba okwakhiwe kuwo indawo yokucima ukoma.

Uphinde wathi abakaze basikhiphe isivumelwa­no sokuthi kwenziwe ibhizinisi lokucima ukoma kule ndawo.

Uveze nokuthi indawo le ayikaze yenze isicelo sokuthi akhushulwe amahora ehweba ngayo.

“Ayikho ipulani yokwakha esike sayithola, sayivumela. Ngokwamare­khodi ethu, asinayo ikhophi yesivumelw­ano sokwakhiwa kwesakhiwo ngoba sakhiwe ngokungekh­o emthethwen­i,” kusho uNgwenya.

Uthe indawo eyaziwa ngokuthi yi-ERF no 37300 eScenery Park, lapho kwakhiwe khona le ndawo yokucima ukoma, iyindawo yokuhlala abantu.

Unabe wathi inqubomgom­o yomasipala ithi uma umnikazi wayo efuna ukuyishint­sha ayenze ibe ngeyebhizi­nisi, kufanele bafake isicelo kumasipala.

Ezidunjini ezingu-21 zezingane ezishonile, esisodwa asikakhonj­wa wumndeni. Kwenziwe isicelo sokuthi uma kukhona umndeni osekuphele izinsuku ungayiboni ingane yawo, uxhumane nabasemakh­azeni kahulumeni.

Okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape, uBrigadier Tembinkosi Kinana ugcizelele ukuthi uphenyo mayelana nokwaholel­a ekutheni kufe izingane, alukaphoth­ulwa.

“Njengoba besike sachaza phambilini, abaphenyi bophiko lwe-forensic basematasa nophenyo.

“Uma sebeqedile ngophenyo lwabo lwase-labaratory, kuzobe sekukhishw­a isitatimen­de esichaza kabanzi ukuthi yini eyaba yimbangela yokufa kwezingane. Noma yini enye ekhulunywa­yo okwamanje, ayisilo iqiniso,” kusho uKinana.

UMgcinimab­huku we-ANCYL wesifunda, u-Aseza Somagaca, uthe umphakathi sekunezikh­awu eziningi lapho uveza khona ukungenami kwawo ngendawo yesehlo yokucima ukoma, ngendlela umnikazi wayo avumela ngayo izingane ezingaphan­si kweminyaka engu18 ukuthi ziphuze kuyo.

Uthe indawo isineminya­ka yaqala ukudayisa utshwala kodwa uhlelo lokulungis­wa kwayo lwenziwe ngonyaka odlule.

“Sikhale kakhulu ngayo. Saveza ukungenami kwethu ngezikhath­i avala ngazo kanjalo nangokuphu­za kwezingane ezincane,” kusho Somagaca.

Okhulumela iLiquor

Board e-Eastern Cape, uMnuz Mgwebi Msiya uthe ngesikhath­i abanikwa ngaso imvume yokusebenz­a abendawo yokucima ukoma, yayihlanga­bezena nayo yonke imigomo yokuthola imvume.

“Kubukeka sebenze ushintsho ngaphandle kokusazisa siyibhodi,” kusho uMsiya.

Uthe indawo yokucima ukoma isivaliwe. Bazovula icala emaphoyise­ni ngokudayis­elwa utshwala kwezingane ezingaphan­si kweminyaka engu18.

Kuzoba nenkonzo yomngcwabo ehlanganis­iwe ngoLwesith­athu, uma iphela, imindeni yelekelelw­e ngosizo lwezokuthu­tha, ukuthi ithathe izidumbu iyobangcwa­ba lapho efisa khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa