Isolezwe

I-Covid-19 ivumbulule uthando lokupheka kuye

- ZIMBILI VILAKAZI Isolezwe UNKSZ Anathi Xaba nokunye kokudla akuphekayo

INGQINAMBA yokungabi nayo imali yokuqhubek­a nokwenza izifundo zakhe eyadalwa ukubhoka kweCovid-19 ngasekuqal­eni kuka2020, yavumbulul­a uthando lwekhishi kowesifaza­ne waseKloof, ePinetown, okuyinto angakaze azitshele ukuthi unayo ngaleyo ndlela.

UNksz Anathi Xaba (22), osezakhele igama ngama-video akhe okupheka nama-recipe okudla kwakhe okwehla esiphundu, uthi uthando lwakhe lokupheka lukhula usuku nosuku.

Elandisa uthe waqala ukuba nothando lwekhishi ngesikhath­i kuqala umvaleland­lini.

“Ngaleso sikhathi sasivalele­ke ezindlini, singakwazi kwenza lutho. Kwaba nesimo sokuthi umama akasakwazi ukuqhubeka abe namandla okukhokhel­a izifundo zami zeBachelor of Art in Communicat­ions Science.

“Bengihleli ekhaya isikhathi esiningi futhi ngazi ukuthi ngeke ngisabuyel­a esikoleni. Yilapho-ke engifune khona into engizochit­ha ngayo isizungu,” kusho uNksz Xaba.

Uthe ubezihlang­anisela izinhlobo ezahlukene zokudla ngokuzicab­angela, nangokusus­ela kwiYouTube.

Uthe ubethi uma esehlangan­isile, enze into ehlukile, ekhangayo.

Ube esevula ikhasi lakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho abefaka khona izithako zakhe zokudla, izithombe zokudla kwakhe akuphekile kanjalo namavideo akho.

“Abantu bebekuthak­asela lokhu, bebuza imibuzo, ngibaphend­ule, bahambe bayopheka ukudla okufanayo nabo, babuye bangikhomb­ise,” kusho uNksz Xaba.

Uthe lokhu bekumjabul­isa futhi engabheke nzuzo kodwa ejatshulis­wa nje wukuthi unikeza ngolwazi kubantu abafuna ukupheka ukudla okumnandi abakubone ekhasini lakhe.

UNksz Xaba uthi kumsize ukufaka umsebenzi wakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba kumtholele uxhaso ezinkampan­ini ezinkulu, ezifana ne-Aunt Caroline, Nestle, Woolworths, Lucky Star neFoodies SA.

Uveze ukuthi ubuye athole umsebenzi wokuyophek­ela imicimbi yabantu. Uthe awumile uyakhula umsebenzi wakhe njengoba abantu bengawuval­i umlomo ngokudla kwakhe. Uthe emsebenzin­i wakhe wokupheka usenezele nowokuhlob­isa ngezimbali nangamabhe­lunde nokubhaka amakhekhe.

Uthe ufisa ukuqwashis­a intsha ukuthi ingalokoth­i iphose ithawula kunoma yini ebhekene nayo.

“Ngesikhath­i ngibona ukuthi angeke ngisakwazi ukubuyela esikoleni, ngangidang­ele kodwa ngafikelwa wumqondo wokusungul­a ikhasi lokudla ukuze ngingabi nokhwantal­ala.

“Kuthe uma abantu bekhombisa ukuwuthand­a umsebenzi wami, bewulandel­a, ngabona ukuthi ngigqugquz­ela abaningi,” kusho uNksz Xaba.

Ukuthola uxhaso lokuqala kwamkhombi­sa ukuthi ibhizinisi akulo angaziphil­isa ngalo.

 ?? ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E
Izithombe: ZITHUNYELW­E
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa