Liyacikiza ikusasa lezwe uma kunje entsheni
NJENGOBA kusabanjwe ongezansi ngokubhubha kwezingane ezingu-21 ethaveni iNyobeni, e-Eastern Cape, sekuphinde kwavela okunye okushaqisayo ngabantu abasha.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, kuleli sonto, uveze ukuthi phakathi kuka-Ephreli nyakenye noMashi nonyaka kukhulelwe abafundi abangu-90 037 ezweni. Ezibalweni kuhlaluke ukuthi iKwaZuluNatal ihamba phambili ngamantombazane angu24 230, asuka eminyakeni engu-10 kuya phezulu. Amanye amaningi aneminyaka engu-15 kuya ku-24, asuleleke ngegciwane lengculazi.
Lokhu kuyakhathaza ngoba izingane ziyikusasa lesizwe. Uma izingane sezifa emathaveni, ezinye ziba ngabazali ekubeni zingakakulungeli, sonke simelwe wukukhathazeka.
Okudumaza kakhulu wukuthi imiphakathi seyilahle isikompilo lokuqapha okwezikhali zamaNtungwa izingane, kungakhathaleki ukuthi zizalwa ngobani. Uma kuzoqhubeka kanjena ikusasa liyafa sibhekile. Asibuyise umkhuba wokuvikela izingane, sizithande, sizifake imfundiso enhle eletha inqubekela phambili nethemba ngekusasa leNingizimu Afrika.
Akuvinjwe le nto esiyinsakavukela umchilo wesidwaba emiphakathini yethu, yokuthi izingane zidle izidakamizwa, ziphuze notshwala isidana. Abazali namalungu omphakathi mababambisane ukunqanda izenzo ezifuze lezi, ngokukhuza izingane njengakuqala. Makungayekelwa impilo engenasithunzi, yokuthi izidakamizwa notshwala kufinyelele kalula entsheni. Akuphele ukuthi eminye imindeni ikhuthaze izingane ukuthi ziqhafe uma kujatshulwe.
Sonke masijule futhi sikhathazeke ngokuthi iKZN inesibalo esiphezulu samantombazane angu-24 230 akhulelwe, kulandele iGauteng ngawu13 814, Eastern Cape ngawu-12 582 neLimpopo ngangu-11 287. Masizihluphe ngokonakele, bese siyalungisa ngokubambisana. Kungenjalo ikusasa leNingizimu Afrika liyacikiza.