Isolezwe

Liyacikiza ikusasa lezwe uma kunje entsheni

-

NJENGOBA kusabanjwe ongezansi ngokubhubh­a kwezingane ezingu-21 ethaveni iNyobeni, e-Eastern Cape, sekuphinde kwavela okunye okushaqisa­yo ngabantu abasha.

UNgqongqos­he weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, kuleli sonto, uveze ukuthi phakathi kuka-Ephreli nyakenye noMashi nonyaka kukhulelwe abafundi abangu-90 037 ezweni. Ezibalweni kuhlaluke ukuthi iKwaZuluNa­tal ihamba phambili ngamantomb­azane angu24 230, asuka eminyakeni engu-10 kuya phezulu. Amanye amaningi aneminyaka engu-15 kuya ku-24, asuleleke ngegciwane lengculazi.

Lokhu kuyakhatha­za ngoba izingane ziyikusasa lesizwe. Uma izingane sezifa emathaveni, ezinye ziba ngabazali ekubeni zingakakul­ungeli, sonke simelwe wukukhatha­zeka.

Okudumaza kakhulu wukuthi imiphakath­i seyilahle isikompilo lokuqapha okwezikhal­i zamaNtungw­a izingane, kungakhath­aleki ukuthi zizalwa ngobani. Uma kuzoqhubek­a kanjena ikusasa liyafa sibhekile. Asibuyise umkhuba wokuvikela izingane, sizithande, sizifake imfundiso enhle eletha inqubekela phambili nethemba ngekusasa leNingizim­u Afrika.

Akuvinjwe le nto esiyinsaka­vukela umchilo wesidwaba emiphakath­ini yethu, yokuthi izingane zidle izidakamiz­wa, ziphuze notshwala isidana. Abazali namalungu omphakathi mababambis­ane ukunqanda izenzo ezifuze lezi, ngokukhuza izingane njengakuqa­la. Makungayek­elwa impilo engenasith­unzi, yokuthi izidakamiz­wa notshwala kufinyelel­e kalula entsheni. Akuphele ukuthi eminye imindeni ikhuthaze izingane ukuthi ziqhafe uma kujatshulw­e.

Sonke masijule futhi sikhathaze­ke ngokuthi iKZN inesibalo esiphezulu samantomba­zane angu-24 230 akhulelwe, kulandele iGauteng ngawu13 814, Eastern Cape ngawu-12 582 neLimpopo ngangu-11 287. Masizihlup­he ngokonakel­e, bese siyalungis­a ngokubambi­sana. Kungenjalo ikusasa leNingizim­u Afrika liyacikiza.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa