Isolezwe

Silahlekel­we sonke ngokwenzek­e e-Eastern Cape

-

MHLELI: Ngokukhulu ukuzithoba nenhloniph­o ngicela ukubhonga emswaneni emindenini nezihlobo zentsha ephangalal­e endaweni yaseScener­y Park, eMonti, e-Eastern Cape.

Siyashaqis­a kakhulu isigameko sokufa kwentsha yakithi ifela emanyaleni kwazise imindeni, izihlobo nesizwe sonke silahlekel­we kakhulu njengoba abaphangal­ele bebesebanc­ane kakhulu ngokweminy­aka.

Ukufa komuntu osemncane kusho ukulahleke­lwa kwesizwe sonke kwazise inkunzi isemathole­ni.

Nakuba kungakacac­i ukuthi yisiphi isizathu sokufa kwabantu abaningi kangaka eNyobeni

Tarven kepha sinethemba lokuthi iqiniso lizohlala obala emva kwemiphume­la yophenyo.

Miningi imibuzo esinayo siyisizwe ngalesi sigameko futhi ngiyacaban­ga ukuthi nakuba ingeke isabuya imiphefumu­lo elahlekile kepha ukuthola iqiniso kuyoyikhul­ula imindeni nezihlobo ezilahleke­lwe.

Izinsolo zokuthi onogada bale ndawo yokucima ukoma bafutha ngesisi esiyingozi ngenhloso yokulawula isimo esase siphuma endleleni, zingiphule umoya kakhulu.

Muva nje, sekukhona ezintsha ezithi kungenzeka ukuthi abafa bahogela isisi somshini obizwa nge-generator kanti namaphoyis­a ayakuqinis­ekisa impela ukuthi awufica lo mshini endaweni yesigameko.

Kuyamangaz­a ukuthi iningi labashonay­o lingaphans­i kweminyaka evumelekil­e ukuhlala endaweni yokucima ukoma nakuba le ndawo kuvela ukuthi inezincwad­i ezisemthet­hweni zokwenza lo msebenzi.

Konke lokhu kusitshela ukuthi okubalulek­ile ezindaweni zokucima ukoma yinzuzo kunempilo yabathandi­weyo bethu.

Mhlawumbe nathi njengesizw­e nabazali kufanele sizinuke amakhwapha ngokwenzek­ile ukuthi senzani ukuxwayisa izingane ngobungozi botshwala?

Omunye umbuzo ungathi ulala kanjani ungumzali ingane yakho eneminyaka engaphasi kuka-18 ingekho ekhaya?

Nakho nje ukuphuzwa kotshwala mahhala kuleya ndawo futhi buphuzwa abantu abancane ngokweminy­aka kuqubula imibuzo.

Ngicela imindeni nezihlobo baduduzeke baphinde bathandaze­le ukuphola kwezinhliz­iyo, akulahleke­lwanga bona bodwa kepha silahlekel­we sonke siyisizwe. Sengathi uMvelinqan­gi angabathob­a amanxeba.

Phondolwen­dlovu Mzolo

KWANYAVU

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa