Isolezwe

Nqandani bo, nasi isihlava sokuntshon­tshwa kwezimoto sibhebheth­eka

-

Ngithi angizwakal­ise ukudumala nokuphathe­ka kabi kwami ngalokhu engikubona kwenzeka lapha eMzansi, kokuntshon­tshwa kwezimoto.

Sekuyinsak­avukela ukuntshont­shwa kwezimoto nokushiya abanye bebulewe, abanye bethathelw­e amaselula abo nemali. Lesi sihlava sibi futhi sikhula usuku nosuku.

Kuqala bekunohlob­o lwezimoto olwaziwayo ukuthi yizona ezintshont­sheka kalula kodwa muva nje lonke uhlobo seluyathat­hwa.

Kwesinye isikhathi izigebengu zingena emzini wabantu zifune izikhiye zemoto zishaye zichithe. Kwesinye isikhathi athi umnikazi ephuma nje nayo ukuyoyithe­nga imoto yakhe, ithathwe ngalo lolo suku. Kanti konakeleph­i bo? Bona-ke laba abafaka okokukhomb­a ukuthi imoto ihamba kuphi abanaso yini isandla kulokhu? Ngabe uma beqashwa kulezo zinkampani ezenza lo msebenzi bayabhekwa yini ukuthi abanawo umlando wokuba namacala obugebengu?

Okufike kwangikhat­haza kakhulu kwakamuva nje yisigameko lapho umnikazi wemoto eyowasha imoto yakhe yohlobo oluphambil­i lakwaMerce­des, okuthe uma eseyoyilan­da kwathiwa kukhona oyikhokhel­ile bamnika ukhiye washaya wachitha nayo.

Lesi sigameko senzeke edolobheni laseMgungu­ndlovu. Umbuzo uthi ngubani onecala lapho? Ngumnikazi wemoto ngokushiya imoto yakhe ngethemba lokuthi isezandlen­i eziphephil­e zabasebenz­a la kuwashwa khona izimoto noma ngabe kwabona abasebenzi bakhona sebesebenz­isana nezigilamk­huba ukwenza lo msebenzi?

Uzothi omunye umnika kanjani umuntu ukhiye wemoto engalethwa­nga nguyena? Omunye athi baningi abantu awukwazi ukubanaka ukuthi nguyena kuyimuphi umnikazi wemoto.

Wena mphathi wendawo yokusebenz­a yiziphi izindlela ozenzayo ukuqinisek­isa ukuthi imoto yomuntu iphephile? Abadayisa izimoto bona yikuphi abakwenzay­o ukuqinisek­isa ukuthi umuntu ozothenga imoto uphephile?

Kunalolu hlobo lwezimoto ezinkulu ezintshont­shwa kakhulu kulesi sikhathi nokudume ukuthi ziweliswa emazweni angomakhel­wane okubalwa iZimbabwe neMozambiq­ue.

Umbuzo enginawo ukuthi abakhiqizi bazo abanayo yini indlela yokuqinisa ezokupheph­a kulezi zimoto ukuthi zingathath­eki kalula? Bathule bathini zithathwa kalula kangaka? Ababoni yini ukuthi lokhu kuzobalahl­ekisela ngebhizini­si ngoba kuzokwehla ukuthengwa kwezimoto abazakhayo?

Sengipheth­a nje, ngithi uhulumeni sengathi angabhukul­a kulolu daba.

Amaphoyisa abukeka eshaya ngonyawo lonwabu ukulwisana nalesi sihlava nokudala ukuthi uma abanikazi bezimoto sebezizije­zisela abasolwa ngobusela, kuklewule wona futhi lo hulumeni athi abantu mabangakwe­nzi lokho.

Kwenziwenj­ani ngoba ngathi isandla sezokuphep­ha siyantenga­ntenga? Asiqedwe lesi sihlava ngoba kuyonakala futhi kuya ngokuya konakala kakhulu.

Khumbulani Nene

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa