Isolezwe

Lukhulu luyeza ezweni ngenxa yenkohlaka­lo

-

MHLLEI: Uphenyo lwekhomish­ini yokugwaman­dwa kwamandla oMbuso kwezomnoth­o, lusafuna nolunye uphenyo olungeke lulethe ithemba ekutheni kuzozaleka amathokazi.

Okuletha ungabazane wukuthi kwakhona manje nangaso isikhathi ebekuqhube­ka ngaso ikhomishin­i inkohlakal­o beyivele isabhebhet­heka. Asikakhohl­wa wukuthi imali enguR500 billion bashaya bavala, ekubeni lwabe luqhubeka uphenyo lweKhomish­ini yeJaji uRaymond Zondo. Kwasayona iminikelo yezikhukhu­la sekuzwakel­e ukuthi amavondwe aqoba evungula. Zingakanan­i izindlu okwabe kungezoMbu­so ezayekelwa abantu bazidlabha­za nezingapha­nsi kwePrasa nakwaTrans­net esezingama­hhoko kumanje. Kuwo wonke amadolobha kunezindlu zoMbuso esekwena utshani, esezisetsh­enziswa njengezidl­eke zemiguluku­du yezigebeng­u namaphara.

Kwakhona kumanje indaba esematheni eyokonakal­isa izakhiwo zakwaPrasa ojantshi bezitimela namakhebul­i kagesi, okuze kubangele ukuphazami­seka kokuhamba kwezitimel­a nabantu abagcina sebefika emva kwesikhath­i emsebenzin­i.

Ngikhuluma nje, kukhona izinqola zesitimela esithwala amalahle ukuwayisa eRichards Bay, ezaphuma kulayini kwasakazek­a amalahle kusaqalwa unyaka odlule, ebangeni elilingani­selwa ku-10 kuya ku-15 wamakhilom­itha ukusuka eVryheid. Abaphethe abacangi yini ukuthi amasela azogcina esezifaka ama-cutting torch maqede bayodayise­la abamabhizi­nisi asebenza ngezinsimb­i ezindala?

Yikhona lokhu ngithi ikhomishin­i eyaphenya ngenkohlak­alo yakwaPrasa ngiyifanis­a nengxenye yokuchitha imali yabakhokhi­ntela entweni okogcina bengaboshw­anga obhongoza benkohlaka­lo. Nkuzo izikhulu kuhulumeni inuka phu inkohlakak­alo.

Lukhulu luyeza ezweni lethu. Lokhu okwenza abaculi baphesheya kwezilwand­le bahlangana baqamba iculo ngobubha base-Ethiopia ngonyaka ka-1985, kuseyinto encane. Okwelethu izwe kuzokuba yinhlekele­le engakaze ibonwe emhlabeni. Ophikayo kumele azibuze ukuthi ezwenikazi i-Afrika mangaki anogqam’cishi kagesi njengokwen­zeka ezweni lethu.

Sipho Robert Mpungose

ESHOWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa