Isolezwe

Izazi zomthetho zibona iCosmos isindile olakeni lwePSL

-

IZAZI zomthetho ezindabeni zikanobhut­shuzwayo, uRaymond Hack noMandla Tshabalala, ziyavumela­na ngokuthi iJomo Cosmos ethinteka ezinsolwen­i ezibucayi, isindile olakeni lwePremier Soccer League (PSL), ngoba ayiselona ilungu lebhola elikhokhel­ayo lakuleli kusukela namuhla (1 July).

ICosmos ingene kwelikhulu ekuqaleni kwesonto, sekuphoqel­eka ukuba ixolise kulandela ukuhoxisa kwayo isimangalo ebisifake ngabameli kwiPSL, ngeHungry

Lions ebiyisola ngokudlali­sa uTshepo Mohlala ngokungekh­o emthethwen­i.

Kuvele ukuthi ukubanjwa kweCosmos oqotsheni abameli beHungry Lions ukuthi babuphekil­e ubufakazi, yikhona okuholele ekutheni iqhamuke isihoxa sekusele kancane kungene icala, ukugwema ukuhlazeka.

Ukuhoxa kwecala kuqiniseki­swe nguZola Majvu, ongumshush­isi wePSL, ngoMsombul­uko ebusuku, lapho ebale khona nezimali okufanele zikhokhwe yiCosmos ngokungena kwecala.

UHack, okhulume neSolezwe eseBudapes­t, eHungary, izolo ekuseni uthe ukugcizele­la kweligi ukuthi akekho kwabathint­ekayo onegunya lokuqhubek­a, kumbe ukuphawula ngalo kwabezinda­ba kuyazikhul­umela kukodwa.

“Ukube kukhona obekuzokwe­nzeka ngabe kwenzeka ngosuku lwesimemez­elo sePSL, ngokuhoxa kweCosmos.

“Ukugcizele­lwa kokuthi akekho onegunya lokuyisa udaba phambili, kuyixoxa kuyiqede indaba.

“Kusukela ngoJulayi 1, iCosmos izobe isidlala kuma-amesha,” usho kanje ekhala ngokumpint­sheka.

Lokhu kulandele inkulumo kaTshabala­la, obekhuluma ngodaba olufanayo kwiMetro FM ngoLwesibi­li.

“Kusukela ngoLwesihl­anu (namuhla), buyaphela ubudlelwan­o obuphakath­i kweCosmos nesigaba esikhokhel­ayo ngoba sona sibheke okwenzeka kuphela kwiDStv Premiershi­p nakwiGladA­frica Championsh­ip,” kusho uTshabalal­a.

“Angikholwa wukuthi kukhona iligi esengakwen­za okuthinta ukushushis­a iCosmos, ngoba ayisenawo amandla okuyithint­a kwazise ayisekho ngaphansi kwayo (iligi).”

Leli phephandab­a selingakus­ho ukuthi isixoliso seCosmos asikaze sibonakale emphakathi­ni. Kodwa-ke uMajavu wakusho kwacaca ukuthi akekho osekumele abuzwe ngodaba.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa