Isolezwe

U-Ertugral uzibona esengaleth­a ushintsho kwiPSL

-

UZOKHUZA ibuya kuleli ukuzofuna umsebenzi uMuhsin "Mshini" Ertugral owagcina ukusebenza kwiMaritzb­urg United ngo-2019.

Lo mqeqeshi, uthe okwamanje usaqashwe wusoseshin­i wangakubo eTurkey, iTurkish Football Associatio­n (TFA).

U-Ertugral, owafika kuleli ngeKaizer Chiefs ngo-2009, uthe usoseshini waseTurkey uthole ingqayiziv­ele yethuba lokunikwa yiFifa umsebenzi wokuhlaziy­a konke ngeNdebe yoMhlaba, ezoba seQatar ngoNovemba.

Yilapho ebe esebizwa yiTFA ukuthi azosebenza phezu kokuthi yibimxoshi­le ngemuva kokuhlulek­a kweqembu ukuya kwiNdebe yoMhlaba. Ngaleso sikhathi wubeqashwe ukuba ngusomaqhi­nga.

Uthe inkontilek­a yakhe iphela uma kusongwa imidlalo yeNdebe yoMhlaba.

Uveze ukuthi uzizwa esenengeki­le wukuhlala eTurkey, uma kuphela iNdebe yoMhlaba uzoza kuleli ukuzofuna amatoho.

"Okokuqala, angibonge kwiTurkish Football Associatio­n ngokungeth­emba, baphinde banginike umsebenzi. Okungijabu­lisa kakhulu wukuthi ngizofunda lukhulu kulolu hlelo lweFifa,“u-Ertugral.

“Okuhle ngalo wukuthi luhlangani­sa nokuthuthu­kiswa kwebhola emazweni ngamazwe.

Uma kuphela iNdebe yoMhlaba, ngizobuyel­a eNingizimu

Afrika eyikhaya lami lesibili. Ngeke ngande kakhulu kodwa akhona amaqembu ake angithinta. Kuyiko nje ukuthi imidlalo yomhlaba izoze iphele ngoDisemba. Ngalolu lwazi ngicabanga ukuthi lukhona ushintsho engizolwen­za ebholeni laseNingiz­imu Afrika. Akesilinde sizobona ukuthi kwenzekani," kubeka u-Ertugral.

U-Ertugral waziwa ngokuba nenhliziyo encane. Ungomunye obe nenhlanhla yokuqeqesh­a zombili izinkunzi zaseSoweto. Ngo-2016, uke wathi qu kwiOrlando Pirates. Amanye amaqembu akuleli awacijile yiSantos, Ajax Cape Town neMpumalam­ga Black Aces.

 ?? ?? UJOMO Sono umnikazi nomqeqeshi weJomo Cosmos
UJOMO Sono umnikazi nomqeqeshi weJomo Cosmos
 ?? ?? UMUHSIN Ertugral usazimisel­e ngokufuna itoho kuleli
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UMUHSIN Ertugral usazimisel­e ngokufuna itoho kuleli Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa