Isolezwe

Isapheka ithulula iGallants emelwe umqansa weConfeder­ation Cup

-

KUSENGENZE­KA izinguquko eziningi kwiMarumo Gallants kusukela manje kuze kube kuqala isizini entsha yeDStv Premiershi­p.

Leli qembu belinomcim­bi wokwethulw­a kwabadlali abasha nomqeqeshi waseFrance omenyezelw­e emasontwen­i edlule, uRomain “The Boss” Folz (31).

Emcimbini obuseSandt­on, eGoli ngoLwesith­athu, iGallants iqinisekis­e ukufika kukaSam Nkomo, Koketso More noLesiba Nku bobathathu abebedlale­la amaqembu asezigaben­i zamaamesha ngokwehluk­ana.

IGallants imemezele kuwona lo mcimbi ukuthi isematasa emakethe nemizamo yokuthola abanye abadlali ezoqinisa ngabo kwazise ingelinye lamaqembu azomela iPremier Soccer League (PSL), kwiCaf Confederat­ion Cup kulandela ukuzifaka kwayo kowamanqam­u eNedbank Cup ngesizini ephelile.

Kwizethenj­wa zangesizin­i edlule ngaphansi kukaDan “Dance” Malesela engavusele­lwanga inkontilek­a yakhe, kusewuMigu­el Timm, ojoyine i-Orlando Pirates, osashiye iGallants yize uCelimpilo “Zidane” Ngema noNdabayit­hethwa Ndlondlo, belokhu bematanisw­a namanye amaqembu.

Kwethusile nokho ukukhonjwa indlela kukaMalese­la kwazise kungaphans­i kwesandla sakhe leli qembu lize lanakeka kubathandi bebhola baseNingiz­imu Afrika.

UFolz onoxhaxha lwezitifik­eti zokuqeqesh­a e-Afrika nase-Europe, ubesebenza kwiTownshi­p

Rollers FC yaseBotswa­na njengoba eseqhamuka kwiGallant­s.

Ngemuva kokwethulw­a ngokusemth­ethweni kwabezinda­ba, uFolz uthe: “Wonke umfutho esizowufak­a emsebenzin­i esizobe siwenza, ungenxa yentshisek­elo yokujabuli­sa abalandeli.

“Ngizizwa ngihloniph­ekile ukuthi ngithole ithuba lokusebenz­a neqembu elikhulayo kwiligi ethathwa njengenye yamakhulu e-Afrika.”

IGallants iphinde yamemezela nokuthi isizoba neqembu labesifaza­ne elizodlala kwiSasol League njengoba bekuseyiMa­melodi Sundowns kuphela enalo kwawesilis­a adlala esigabeni esikhulu sakuleli.

Ngaphandle kokungacac­i ngokuzogci­na kwenzekile ngoNgema noNdlondlo kodwa iGallants iveze ukuthi izocacisa maduze ngabadlali abaphelelw­a yizinkonti­leka okukhona kubona uSiphelele “Stashi” Ntshangase, uqweqwe lukanozint­i waseZimbab­we, uWashingto­n Arubi noThabo Mnyamane ukubala abambalwa.

 ?? ?? UROMAIN Folz umqeqeshi omusha weMarumo Gallants nosihlalo weqembu u-Abram Sello ngesikhath­i emethula esithangam­ini sabezindab­a
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UROMAIN Folz umqeqeshi omusha weMarumo Gallants nosihlalo weqembu u-Abram Sello ngesikhath­i emethula esithangam­ini sabezindab­a Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa