Isolezwe

Lizoholwa uMkhalele eleBafana elizodlala kwiCosafa

- XOLILE MPISANE

LIZOHOLWA yiphini lomqeqeshi, uHelman Mkhalele, iqembu leBafana Bafana elizozama ukuvikela isicoco seHollywoo­dbets Cosafa Cup eThekwini, maphakathi nenyanga.

UMkhalele kwakufanel­e abambe izintambo kulo mqhudelwan­o nyakenye kodwa kwaphoqele­ka ukuthi ahoxe ngemuva kokutholak­ala neCovid-19.

Izintambo zanikwa uMorena Ramorebuli, iBafana yagcine isidlile isicoco ngokuguqis­a iSenegal kowamanqam­u sekukhahle­lwa amaphenath­i.

Lo mqhudelwan­o uzoqala ngoLwesibi­li oluzayo, esigabeni samaqoqo. Njengeliny­e lamaqembu akleliswe phezulu ohlwini lweFifa uma kuqhathani­swa awesifunda seCosafa, iBafana izongena kumaquarte­rfinal. Kulapho izobhekana khona neMozambiq­ue, ePrincess Magogo Stadium, ngoJulayi 13.

Iqembu labadlali abangu-30, liqale ukuzilolon­ga eGoli, ngoLwesibi­li, kodwa bangu-23 kuphela abazoliban­gisa eThekwini, ngoJulayi 10.

UMkhalele ugculiseki­le ngendlela abadlali abazimisel­e ngayo njengoba beziqeqesh­a futhi ulindele ukuthi iqembu liqine ngokwanele.

“Ngijabule ngendlela esiqhube ngayo ngesikhath­i siziqeqesh­a okokuqala. Ngigculise­kile ngesimo sengqondo nendlela abazipheth­e ngayo,” kusho uMkhalele.

“Umdlalo ngamunye esiwudlala­yo njengeBafa­na Bafana, siwudlala ngenhloso yokuwunqob­a. Sihlangani­se leli qembu elinabadla­li abancane, iningi labo linemiyaka engaphansi kuka23, ngenhloso yokwakhela ikusasa.

“Kunemidlal­o yokuhlunge­la i-Afcon okumele siyilungel­e ezinyangen­i ezimbalwa ezizayo kuphinde kube neyama-Olympic ka-2024, ngakho-ke kumele siqale silungisel­ele lokho, singalindi imidlalo ize ibe seduze kakhulu.”

IBafana Bafana isiyinqobe amahlandla amahlanu iCosafa Cup, ngo-1997, 1998, 2006, 2013 nango2019. Izwe elinezicoc­o eziningi yiZimbabwe, enezicoco eziyisithu­pha, kodwa engekho kulo nyaka njengoba isamiswe yiFifa.

 ?? ?? ABADLALI abasha abethulwe yiRichards Bay FC izolo eGecko Inn, eRichards Bay
Isithombe: ZAKHELE XABA
ABADLALI abasha abethulwe yiRichards Bay FC izolo eGecko Inn, eRichards Bay Isithombe: ZAKHELE XABA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa