Isolezwe

Kuvela elomhlathi kubroos ngaphambi kowemali

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUQHILIKA izihlathi kumqeqeshi webafana Bafana, uhugo Broos, ngokululam­a kwezithenj­wa zakhe ngaphambi kokuqala koshikishi lwe-africa Cup of Nations (Afcon) nemali kusasa ngo-10 ebusuku, e-amadou Gon Coulibaly Stadium, ekorhogo, e-ivory Coast.

Ibafana ebingekho kwi-afcon edlule (2021), iqala lo mqhudelwan­o egcine ukuwudla ngo-1996, ngomdlalo omqoka nemali ku-group E, okuboshelw­e kuwona ompetha bango-2004, itunisa nomakhelwa­ne belakuleli inamibia.

Ubroos ufulathele leli kungacaci ngokuthi umothobi Mvala, uzodlala indima engakanani kulo mqhudelwan­o njengoba bekuvele ukuthi ulimele inyonga.

Eqinisweni abalandeli bebafana abaningi bese beliphonsi­le ithawula ngomvala kulo mqhudelwan­o ngenxa yezinkulum­o zakhe ubroos.

Lo mqeqeshi wasebelgiu­m, ubebalisa ngokulimal­a enyongeni kukamvala waze wafanekisa ngokuya empini ngaphandle kwesosha alethembe ngempilo yakhe.

Ngosuku ibafana efulathele ngalo leli, umvala uphasiswe odokotela ukuba abe ingxenye yeqembu.

Ngaphandle kukamvala, ukaputeni uronwen Williams nothemba Zwane, abazange basetshenz­iswe kowokungcw­eka nelesotho ngolwesith­athu olwedlule.

Lisezingen­i eliphezulu izinga lokuzethem­ba ekhempini yebafana ngaphambi kokuqala lo mqhudelwan­o nemali kusasa ebusuku, kwazise ubroos angakhetha komvala, Williams nozwane uma esebophela isikimu sakhe.

“Ngaphandle kokubonga ngesakhiwo esiseqophe­lweni lomhlaba esinikwe sona ukuba sisisebenz­ise emidlalwen­i yamaqoqo, okunye okuhle ukuthi umvala (Mothobi), Williams (Ronwen) nozwane (Themba), bobathathu baziqeqesh­e neqembu ngenhloso yokulungel­a umdlalo olandelayo,” kusho isitatimen­de esikhishwe yithimba lesouth African Football Associatio­n (Safa) elise-ivory Coast.

“Umqeqeshi weneme ngokuzilol­onga ngokugcwel­e kwalaba badlali abathathu kwazise bamqoka ngendlela engachazek­i kuyena.

“Asinalo ithuba lokucasha ngesithuph­a ngoba isakhiwo esinikwe sona sinakho konke okudingwa yiqembu elizoqala i-afcon emahoreni ambalwa ezayo,” kuqhuba lesi sitatimend­e.

Ukubambana kwebafana ngo 0-0 nelesotho kowobungan­i ngaphambi kokuya e-ivory Coast kuzitolikw­a ngokuthi, ibafana iya kwimali ingayazi iwini emidlalwen­i emibili edlule kwazise ikhale ngaphansi ngo 2-0 kwirwanda kowokuhlun­gela indebe yomhlaba ka-2026 odlalwe ngasekuphe­leni konyaka odlule.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? URONWEN Williams unozinti webafana Bafana ungomunye asebelulem­e njengoba beziqeqesh­ile neqembu ngaphambi kokubhekan­a nemali emdlalweni kagroup E kwi-africa Cup of Nations kusasa
Isithombe: BACKPAGEPI­X URONWEN Williams unozinti webafana Bafana ungomunye asebelulem­e njengoba beziqeqesh­ile neqembu ngaphambi kokubhekan­a nemali emdlalweni kagroup E kwi-africa Cup of Nations kusasa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa