Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 - Apr 19

YENZA amalungise­lelo ekusasa eliqhakazi­le. Yenza izinto eziqondene nawe ngaphambi kokwelula isandla usize abanye.

Izinto ozizamayo empilweni akube ngezinesis­indo ngoba yizona ezizokuphu­melelisa. Yiba nesibindi nobuciko ukuze konke kukulungel­e.

TAURUS: Apr 20 - May 20

QIKELELA uma kukhona umsebenzi olungisele­la ukuwenza ngoba uzoyibona inqubekela phambili ngokuseben­za ngomfutho othe xaxa. Kuthanda ukukuhambe­la kahle ngakwezezi­mali kodwa konke okwenzayo kwenze ngokuzimis­ela.

GEMINI: May 21 - Jun 20

ABANINGI bazokuleth­ela injabulo kodwa qaphela ukuthi obani obasondeza eduze kwakho ngoba kuzokusiza ukuba nobudlelwa­no nabantu ababuka imiphumela ngeso elihlukile. Uzozizwa unokuthula emoyeni nasenhlizi­yweni ngokukheth­a abantu abalungile.

CANCER: Jun 21 - Jul 22

GWEMA okukufaka ezintweni ezingakhi, ugxile ekuphumele­liseni amaphupho akho kuqala. Zihlehlise­le emuva izinto ezingenams­ebenzi empilweni yakho okwesikhas­hana ngoba zingakupha­zamisa ugcine ungakuthol­anga lokhu okufunayo.

LEO: Jul 23 - Aug 22

UNOGQOZI futhi uzimisele ngokufunda nganoma yini engakuleth­ela impumelelo. Gxila kulokhu okholelwa kukona ngoba kuzokunika inqubekela phambili. Ukuzakhela udumo akube seqhulwini ezintweni ozenzayo.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22

AKE ubheke amathuba okwenza amabhizini­si amasha anenzuzo, ikakhuluka­zi manje ngoba usukhulile ngomqondo futhi usuyazi ufunani.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22

UZOZAKHELA ikusasa elihle kakhulu uma ukwazi ukucabanga. Enza amalungise­lelo okuthola lokho inhliziyo yakho ekulangaze­lele. Kungakusiz­a ukufunda uthuthukis­e ulwazi lwakho ngoba ekugcineni lokho kuzokubeka ethubeni lokuthola iholo elithe xaxa.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21

USEMATHUBE­NI okuzuza kakhulu ngoba lesi yisikhathi senjabulo nentuthuko. Njengoba wazi ukuthi indlela ibuzwa kwabaphamb­ili, qikelela ukuthi usebenzisa­na nabantu ozocosha okuthile kubona.

SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec 20

INJABULO isendlelen­i kwezothand­o kanti futhi ukuzibanda­kanya neningi kuzokubeka emathubeni okuthola umaqondana uma ungenaye umuntu ohlekisana naye. Aluthi lufika lolu thando lukufice uzimisele ukulwamuke­la. Uma ushadile kuhle wenze amalungise­lelo okuzikhiph­a nesithandw­a sakho.

CAPRICORN: Dec 21 - Jan 19

LELI yithuba lokuhlolis­isa kahle okufunayo empilweni bese uthatha izinyathel­o ezinqala eziya empumelelw­eni. Sebenzisa amandla akho wenze izinto eziphusile ngoba ukhona umvuzo omuhle ongawuthol­a ngalokho.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18

LESI yisikhathi esihle sokuzijabu­lisa kanti futhi ungasisebe­nzisa uma ufuna ukuqhakamb­isa ikhono lakho kwezemidla­lo. Kukuhambel­a kahle kakhulu othandweni okwamanje. Konke kubukeka kuvuna wena ngasohlang­othini lwempilo kanti nabantu bazokwesek­a.

PISCES: Feb 19 - Mar 20

SEBENZISA lesi sikhathi ukuguqula impilo yakho ibe yile nto oyifunayo.

Uzothola amathuba okusebenzi­sa ulwazi owaluthola kudala. Ukwenza izinqumo ezintsha kungakusiz­a ekubekeni impilo yakho emathubeni empumelelo kusasa.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU:

Ngo-1988 abashayeli bamabhasi ababengama­lungu enyunyana yezokuthut­ha, itransport and General Workers Union, baqala isiteleka ngoba bekhala ngokungavi­keleki kubalandel­i BE-IFP.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala ubongiwe Msomi

(osesithomb­eni) ongumdlali we-netball wakuleli. Wazalelwa ethekwini, ngo-1988.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa