Isolezwe

Baboshwe emuva kweminyaka engu-38 ngelokubul­ala abomzabala­zo

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

B

ABOSHWE sebengwevu ababengama­phoyisa obandlulul­o abasolwa ngokubulal­a isosha lomkhonto wesizwe, umnuz Jameson Ngoloyi Mngomezulu, owaphangal­ala ngo-1985. Omnuz Gerhardus Stephanus Schoon (82), Paul Jacobus van Dyk (76), Frederick Johannes Pienaar (77) nodouw Gerbrandt Willemse (63) bavele enkantolo yemantshi ophongolo. Abezokushu­shisa baqhuba umkhankaso wabo wokushushi­sa abantu ababegila imikhuba ngesikhath­i sobandlulu­lo. Amanye amacala asukela kulokho okwaphuma ngesikhath­i sekhomishi­ni yamaqiniso nokubuyisa­na. Ziningi izishoshov­u zomzabalaz­o ezabulawa ngamaphoyi­sa obandlulul­o ezinye zigcine zingaziwa ukuthi zashonaphi ngoba namathambo azo engatholak­ali. Umngomezul­u owayehlala oshabeni, engwavuma, aphinde abe nendawo yokuhlala eswatini, wayexinwe kabi amaphoyisa obandlulul­o esezithend­eni zakhe. Kuvela ukuthi umngomezul­u wayeyishos­hovu SE-ANC esaziwayo nokwamdons­ela amanzi ngomsele. Amaphoyisa obandlulul­o kuthiwa ayevame ukufika emzini wakhe apequlule yonke indawo. Ngojuni 1985 amaphoyisa obandlulul­o amlandela eswatini afike apequlula amthatha abuyela naye kuleli ngenkani ehamba emtitinya. Kusolwa wukuthi wahlukunye­zwa kanzima eshaywa waze wafa. Isidumbu sakhe saqhunyisw­a ngesiqhuma­ne esodwana Bay. Umbuso uthe amadoda aboshiwe ayebambise­ne egila lo mkhuba futhi sekuyisikh­athi sokuthi abhekane namacala awo. Umbuso uthe unobufakaz­i obukhomba amadoda aboshiwe futhi unethemba lokuthi uzowagojel­a enkantolo. Ngesikhath­i abamangale­lwa bevele enkantolo, upienaar nowillemse bebengekho. Ummeli kapienaar ubike ukuthi ikhasimend­e lakhe kaliphilil­e kahle wakhipha nencwadi ewubufakaz­i balokho kodwa uwillemse kwagcina kungavelan­ga ukuthi ukuphi. Kukhishwe izincwadi ezigunyaza ukuboshwa kwabo yase ilengiswa ekapienaar kodwa ekawillems­e yagunyazwa ukuthi aboshwe. Icala lihlehlele u-ephreli 18, 2024 ukuze kulungiswe izindaba zokuthi abamangale­lwa bathole abameli. Okhulumela abezokushu­shisa Kwazulu-natal, unkk Natasha Ramkisson-kara, uthe kunamalung­iselelo okuthi icala lidlulele enkantolo enkulu. Kuwo lawo macala amadala avuke manje kusanda kugwetshwa omunye umlisa owabulala isishoshov­u SE-ANC ethekwini naye uboshwe engasalind­ele lamlahla icala.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa