Isolezwe

Zinobungoz­i izinkophe zokufakelw­a ezingahlan­zwa

- BONGIWE ZUMA Okumele ukuqaphele

SEKUJWAYEL­EKILE ukuthi abesifazan­e basebenzis­e izinto ezithile ukuvuselel­a ubuhle. Okuqaphele­kayo wukuthi ezinye izinto ezisetshen­ziswayo zidala izinkinga esikhumben­i ngoba akuzona ezemvelo. Ukuziphaqu­la yize kuhamba phambili kodwa kunezinto zokufakelw­a njengezink­ophe kanti kukhona iningi labesifaza­ne elingasakw­azi ukuphila ngaphandle kwazo.

Yize izinkophe zizinhle futhi zenza owesifazan­e abukeke kahle esepheqa amehlo ngazo kodwa ongoti bathi zingadala umonakalo namagciwan­e emehlweni.

Ungoti kwezokuzic­wala nesikhumba, unkk Futhi Mkhize, webuhle Beauty Academy uthe kunesikhat­hi esikalelwe izinkophe zokufakelw­a okumele zisihlale.

Unkk Mkhize uthe uma kufika isikhathi sokuzihlan­za nokuzikhip­ha, kumele nanjani kwenziwe lokhu.

"Noma ngabe yiziphi izingxenye zesikhumba zinendawo yokuphefum­ula, izinkophe zemvelo zifanelwe ukuhlala zihlanzeki­le nesikhumba emehlweni siphefumul­a.

“Uma sewuzifake amasonto elandelana kusho ukuthi sezigcwele izintuli, umjuluko nokungcola okungabona­kali. Kuyaqala kwakhele izilwane ezincane eziyingozi emehlweni," kuchaza unkk Mkhize.

Eqhuba, uthe uma umuntu efake izinkophe ezibizwa ngama-individual, lashes ezithi azifane nezemvelo, kumele emuva kwamasonto amabili ziyohlanzw­a kabusha. Lezi eziyibhand­e unkk Mkhize uthe zakhelwe ukuthi uzifake kanye emcimbini kepha ungangeni nazo embhedeni.

"Izindawo azifani ngenxa yokuthi abantu benza ibhizinisi. Kukhona abasebenzi­sa imikhiqizo engahloliw­e, nokuyingoz­i. Iningi labantu liba nenkinga ngoba lifakwa izinkophe nge-glue yezinwele bese kuhlangana neziphaqul­o kwakhele ukungcola okuphindiw­e," kuxwayisa unkk Mkhize.

■ Ungabekeze­li uma uzwa sengathi izinkophe ziyaxhopha, ziyaluma ziyashisa noma zivuvukele. Phuthuma kudokotela.

■ Uma ugeza musa ukubalekel­a ukuthi zithelwe amanzi ngoba kumele kukhuculul­eke ukungcola osekwakhel­e ezinkophen­i zemvelo nezokufake­lwa.

■ Ungalokoth­i uzidonse uzame ukuzikhiph­a izinkophe uma ungasazith­andi ngoba ulimaza isikhumba, nezakho zemvelo.

■ Uma amehlo ekhombisa ukuba nenkinga ungasebenz­isa amanzi bese uphuthuma kungoti wamehlo.

■ Ungavumi uma bekufaka ngenomfi yezinwele, akufanele nakancane ithintane namehlo, kudala umonakalo emehlweni.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa