Isolezwe

Kunamasu angakusiza ukugcina ukudla ngendlela efanele efrijini

- PHILI MJOLI Izithelo okungamele uzifake efrijini: Imifino engadingi ukufakwa efrijini:

ABANTU basebenzis­a amafriji ukuze bagcine ukudla, izithelo noma imifino kungonakal­i. Kunendlela okumele ukudla noma izinto ezigcinwa efrijini zihlale ngayo ukuze zingangenw­a ngamagciwa­ne.

Konke ukudla kufanele kusongwe, kumbozwe noma kufakwe ezitsheni, ifriji akumele ligcwale kakhulu.

Kusemqoka ukuthi ukudla kufakwe ngokushesh­a efrijini. Ungabeki ukudla okuhlala efrijini ngaphandle kuze kuphele amahora amabili ngoba kuphenduka ubuthi. Uma uphuma kothenga, qiniseka ukuthi ufika ekhaya engakaphel­i amahora amabili ukufake efrijini.

Eshalofini elibandisa­yo kodwa elingenalo iqhwa, ungafaka ukudla okuzodliwa ngokushesh­a njengemikh­iqizo enobisi, ukudla osekulunge­le ukudliwa, okusemathi­nini, okusalile, inyama ephekiwe namasaladi.

Eshalofini elineqhwa kufanele ugcine inyama eluhlaza, inhlanzi kodwa qaphela ukuthi kusezitshe­ni noma emaplastik­ini avimbela ukuthi kungathint­ani nokunye ukudla futhi uvikele ukuthi inyama ingashaywa wumoya.

Gwema ukuhlangan­isa ama-aphula namapheya neminye imikhiqizo enjengemif­ino enamaqabun­ga. Igesi ye-ethylene ephuma kulezi zithelo yenza ukuthi eminye imikhiqizo ivuthwe noma yonakale ngokushesh­a.

Ukwataphey­a, ama-aphula, bhanana, izithelo ezisawolin­tshi, amajikijol­o, amapentshi­si, ama-apricot, nama-nectarine kufanele agcinwe ngaphandle kwesiqandi­si.

Ukufaka izithelo esiqandisi­ni kudala ukuthi zilahlekel­we ukunambith­eka kwazo. Kodwa-ke, ungakwazi ukufaka esiqandisi­ni izithelo imizuzu engu-30 ngaphambi kokuzidla uma ufuna ukuzidla ziklamuzel­a.

Amazambane, bell peppers no-anyanisi.

 ?? ?? MANINGI amagciwane angangena efrijini uma ukudla kungabekiw­e ngendlela efanele
MANINGI amagciwane angangena efrijini uma ukudla kungabekiw­e ngendlela efanele
 ?? ?? KUFANELE zinakekelw­e izinkophe ukuze zingadali ukungcola okungena emehlweni
KUFANELE zinakekelw­e izinkophe ukuze zingadali ukungcola okungena emehlweni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa