Isolezwe

Kuxwayiswa abantu nge-mmm Krypto

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO ebhekele abasebenza ngemali, i-financial Sector Conduct Authority (FSCA), isixwayise abantu ukuthi bangatshal­i imali yabo emabhizini­sini angagunyaz­iwe ukwenza umsebenzi.

Ixwayise abantu ukuthi baqaphele uma bezofaka imali ebhizinisi­ni likasaziwa­yo odume ezinkundle­ni zokuxhuman­a, utumi Links.

I-FSCA ithe utumi Links wetumi Links Investment­s, uthe uhweba nge-forex nangezinye izindlela kodwa akanayo imvume yokusebenz­a ngemali.

Ithe wonke amabhizini­si akuleli asebenza ngemali kufanele athole imvume KWI-FSCA ngaphambi kokuthi agqugquzel­e abantu ukuba batshale imali kuwo.

Iveze ukuthi wonke amabhizini­si asebenza ngemali kufanele abe NE-FSP number ewagunyaza ukwenza umsebenzi.

Abafisa ukwazi ukuthi ibhizinisi elisebenza ngemali lisemtheth­weni yini bangashaye­la u-0800 110 443 noma bangene kwi-internet babheke ibhizinisi ukuthi linayo yini imvume yokuhweba ngemali ku-https://www.fsca. co.za/regulated%20 Entities/pages/listregula­ted-entitiesna­ku-https://www.fsca. co.za/fais/search_fsp. htm

Ibuye yaxwayisa nange-mmm Krypto edume ngama-video agqugquzel­a abantu ukuba batshale imali ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

La ma-video asabalele kwi-tiktok, Youtube nakwifaceb­ook lapho IMMM Krypto ithembisa abantu inzalo ka-24% no-36% ngenyanga.

I-FSCA ithe ayikaze ikhiphe imvume yokuthi IMMM Krypto isebenze ngemali noma inike abantu amasu okutshala imali.

Ithe udaba lwale nkampani isiludluli­sele kwinationa­l Consumer Commission ukuze iphenywe kabanzi.

Idonse ngendlebe abantu ukuthi bahlale beqaphile ngaphambi kokutshala imali yabo abayiseben­ze kanzima.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa