Isolezwe

Kugobhoza igazi Kwazulu-natal

- ZIMBILI VILAKAZI

KUFE abantu abangu-11 ezigamekwe­ni ezimbili ezehlukene Kwazulunat­al ezenzeke enanda nasemgungu­ndlovu.

Esigamekwe­ni sokuqala, okukholaka­la ukuthi senzeke ngolwesibi­li ebusuku, kwaze kwezwakala ngaso ngolwesith­athu, kubulawe amalungu amahlanu omndeni owodwa emgodini, e-edendale, emgungundl­ovu. Kuthiwa bobahlanu bahlahlelw­e ngembazo.

Ngokusho kokhulumel­a amaphoyisa ucolonel Robert Netshiunda, ilungu lomndeni ebelivakas­he ndawana thize, kuthe uma libuya, lazithela phezu kwezidumbu.

“Izidumbu azificile esikagogo (85), indodakazi yakhe (45), izingane zendodakaz­i ezintathu okukhona kuzo amawele (11) nenye (9),” kusho unetshiund­a.

Uqhube wathi bonke ababulewe bebenezing­ozi ezihlasimu­lisa umzimba emakhanda, kanti nembazo okukholaka­la ukuthi bahlahlelw­e ngayo itholakale endaweni yesigameko.

“Imbangela yokubulawa kwabo ayikaziwa okwamanje. Amaphoyisa anxusa noma ubani ongaba nolwazi olungaleke­lela ekuphenywe­ni kwaleli cala, noma ongaba nolwazi ngabasolwa ukuthi athinte amaphoyisa aseduzane noma ashayele inombolo yamaphoyis­a ethi 08600 10111,” kusho unetshiund­a.

Kwesinye isigameko esenzeke kuthangi, amaphoyisa athele othulini abasolwa abayisithu­pha emachobeni, enanda, ngesikhath­i kuba khona ukudubulan­a phakathi kwawo nabo.

Kulesi sigameko kuboshwe abasolwa abathathu.

Okhulumela amaphoyisa ubrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa athole umkhondo ngabasolwa ababhace kule ndawo ebebefunel­wa amacala ehlukene.

Unaicker uthe phakathi kwawo kukhona awokubamba inkunzi, awokubulal­a, awokuphang­wa kwezitolo nokudunwa kwezimoto.

“Umkhondo uholele amaphoyisa endlini esemachobe­ni. Emva kokumemeze­la ukuthi asefikile, aphendulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u iqhamuka kubasolwa. Nawo abe esebuyisel­a ngayo inhlamvu,” kusho unaicker.

Uthe emva kokutholak­ala kwezidumbu eziyisithu­pha, amaphoyisa athole abasolwa abathathu ebebephila okukhona kubona abesilisa ababili nowesifaza­ne (31) oyedwa, ababopha.

“Kukhona iphoyisa elilodwa elihuhuluz­we yinhlamvu esandleni kanti endaweni yesigameko kutholwe izibhamu ezintathu, imoto eyayidunwe Kwadabeka ngodisemba. Abasolwa ababoshiwe bazovela enkantolo maduze,” kusho unaicker.

Ikhansela lasemachob­eni, umnuz Derrick Mngadi, lithe budlangile ubugebengu kule ndawo.

“Ubugebengu bokubanjwa kwabantu inkunzi ezindlini nasemgwaqw­eni budla lubi kule ndawo. Amalungu omphakathi aze aqhamuka nesu lokuthi kusungulwe i-neighbourh­ood watch okuyithimb­a eliqapha ubugebengu kule ndawo ngaleso sizathu,” kusho umngadi.

Uqhube wathi bathatha noma yini abasuke bebona ukuthi bayayiding­a. Abaye bakuthathe, imali, amaselula nokunye.

Ilungu le-neighbourh­ood watch yasenanda, lithe ukudubulan­a phakathi kwamaphoyi­sa nabasolwa kuqale ngabo-11 ebusuku ngolwesith­athu.

“Abaningi bavuswe umsindo wokuqhuma kwezibhamu. Sinikele endaweni yesigameko, sathola ukuthi amaphoyisa ophiko lwenationa­l Interventi­on Unit (NIU) abetholene phezulu nabasolwa, kwafa abayisithu­pha, abathathu baboshwa,” kusho ilungu.

Uthe indlu okwenzeke kuyo isehlakalo inamagumbi amabili kanti akucaci kahle ngomnikazi wayo.

Uthe okubashiya nemibuzo ukuthi bebehlala kanjani abantu abayisishi­yagaloluny­e kuyo ibe incane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa