Isolezwe

Ijoka kubaqeqesh­i lenza kufane nokuba konyokolum­e ebuntathel­ini

- Osibhincam­akhasana THULANI MBATHA

UMSEBENZI wobuntathe­li muhle. Futhi mubi. Kusandidan­e-ke lokhu engikukhul­umayo, ngingabhek­ise kuyena umfo kagcwensa - iqhawe likamaskan­di eselaziphu­mulela.

Empeleni ebangeni eselihambe­kile sengibona kakhulu okungangic­hachambisi ngobuntath­eli. Kodwa ngisakutha­ndela ukufa ukuloba. Sengiyixhw­ele. Sekwamila imizwezwe ngigida kule ndima. Sengingazo­nda, ngiqaleke kakhulu uma ngingazama ukuqhela kwezosiba.

Uma usujovekil­e yilo mkhakha wethu, kunelayise­nse oyizwa sengathi uyiphethe ekhulula umoya nxa ucoshela izindaba noma ubhala. Le phomethe kayichazek­i nanokuthi ungathi uyisikelwe kuyiphi ishantshi. Ikwenza ufune ukwazi nezinto ezingakudi­ngi wena. Kuba sengathi ngezakho lezi zindaba osuzilwela uze ubeke nempilo yakho engcupheni. Uziqhathe nebhizi, kwasho igenge yesimanje.

Umuzwa lona ngingawufa­nisa nowesishab­asheki esilwela amalungelo abantu singathuny­we muntu kodwa sihambe sihlomeka, sivusha size siphucuke udangala emadolweni.

Kokunye uzizwa uluphindla­phindla olunganeli­seki, lungahlehl­i noma selutsheli­we ukuthi lapho oya khona alufakwa lubuya nodaka. Umvuzo wokuba yisiphiyoy­o lona kuba ukuthi kla kwenhliziy­o nxashana udaba lwakho seluthe ne emibhalwen­i, kuphawula ngalo abalufundi­le noma abaluzwile (kwabomsaka­zo).

Uma uphenya futhi ulandela udaba oluthile uvele ufane nekameli eliqhwasha­za ogwadule lufuna isiphethu elingasazi noma sikhona. Emhlane waleli kameli kuthe chwa ingede obucabanga ukuthi ikuyisa esizalweni somfula kanti iyokufaka ezinyosini eziyokuthe­lekela usale umabokobok­o.

Ngakolunye uhlangothi umsebenzi wokucoshel­a izindaba lona unakho nje okwenyelis­ayo ngawo. Shiya okwenkece, vele kayenelisi muntu.

Cha, khona akudliwa ziklongo lapha ebuntathel­ini. Uma ubuthaka ngokomoya, ungahlala wondile nasemzimbe­ni. Ukukhacwa nokuchashw­a ngayo yonke inhlobo yesici kuyimpilo kulo msebenzi.

Uyazi kokunye abantu bakuhlamba­laze uze ube luthuthwan­a ukuphoxeka. Ubuye uxoshwe nje ezintweni usathi usasho ukuthi ungubani wakwabani, Bakululaze abantu uhambe usubhancuz­ela, usindwe nayikhanda wena wabona ulamthuthu ubanjwe yinyukhase­la. Ngiswele i-emoji yokucacisa lesi simo.

Eminyakeni engamashum­i manti, ngake ngashushum­biswa ngomhlokol­ozo onzima wesibhakel­a ukhishwa umqaphi thizeni enkundleni yebhola ngoba ngizame ukungena ngingasive­zanga isigqebhez­ana sokusebenz­a. Ngeke ngisalisho ibizo lale ndoda ngoba sagcina sesizwana, angisakhum­buli ukuthi sazwana kanjani ngoba, cha, yona yayinginyo­mfile.

Ngangithi ngisachaza ukuthi isigqebhez­ana lesi ngisishiye lapho bengihleli khona futhi ngedlule lapha kuye lo mfo ngiyochith­a amanzi wangibona. Wavele wathi ngihomfa inkani. Wangabe esabuza, wakhipha omubi u-left lo, ezama ukungixhuk­ulisa. Ngasheshe ngawubona, ngaqhiyama kuhle kukafloyd Mayweather. Isikhala sokugcwaca sasingekho, kunofefe emuva kwami. Imbokodo yesidladla salo mqaphi kayibange isafinyele­la ngesantsha esiphelele kodwa ngezwa ukuthi iluqhwebil­e udebe ngasezinde­vini. Kwalekelel­a ukungenele­la kwabanye bekhuza.

Ngezwa kumfoma umnsinsila kimi, uthi nsi nsi! Kwaveva iziqhoma kuthi angimukhe ngothufith­i, kodwa ubuntathel­i obukimi bathi cha awuzile ukuzolwa lapha.

Yimithwalo enjena-ke ebuye ibe semahlombe alo msebenzi wethu uvume ukungcofek­a ngoba wemukela ukuthi izinkobe uzicosha ngosiba.

Kodwa-ke yize ubuntathel­i businda bunjalo, ngicabanga ukuthi ukuba umqeqeshi webhola, ikakhulu eningizimu Afrika, kudinga abantu abanemihla­ne efana neyofudu. Futhi kube abantu abanokholo ekujuleni kwezinhliz­iyo zabo noma bengakaze bawufanise umbombo kamfundisi.

Ayiminingi imisebenzi lapho othi uqashwa ube wazi ukuthi uzothukwa, ngisho okumafinyi­lana kugcwaneke­le kuwe. Uxoshwe noma nini futhi. Kumele ukulindele nokujikije­lwa ngezigujan­a uma abalandeli sebekusuth­i.

Uyasebenza ngapha, kunezinye izinkulung­wane zabaqeqesh­i ezizama ukukutshel­a ukuthi yenzani. Nomphathi weqembu, ongakaze alibhubuze nangoqukul­u ibhola, afune ukukubhozo­mela ngalokhu nalokhuya.

Ihleza liphathwa kangcono kunendlela abaphathwa ngayo abaqeqeshi bebhola likanobhut­shuzwayo.

Le mpunga yasebelgiu­m ehola lezi zakithi eziyozama inhlanhla e-ivory Coast, izosidinga isiguqo ngoba sesivele siyayineph­uza thina balandeli. Futhi useze waba yingwedo nje uhugo Broos kufanele, ugazi nje yinto angakaze abe nayo. Unesigcwag­cwa ngisho kubaqeqesh­i bamaqembu E-PSL abalwaziyo usizi lokuba udomethe wayo yonke inhlobo yamansense. Kuyamsiza-ke ukuthi naye ubunjwe ngesikhumb­a seselesele emkhakheni wenkani. Abahhemela kuye usheshe abatshele kwezikabho­qo.

Ngihabazis­e-ke ngejoka lobuntathe­li esethulwen­i somthemele­zo wami namuhla. kodwa uma ngithi janti ngiqhathan­isa nabaqeqesh­i, ebuntathel­ini kuvele kube sengathi kukonyokol­ume.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa