Isolezwe

Inkakha ithipha ibafana ‘engcono’ kunenamibi­a

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ABADLALI bebafana Bafana nomqeqeshi, uhugo Broos, kufanele bawudlulis­e ngokushesh­a ezingqondw­eni zabo umphumela omubi abawuthole kwimali kowokuvula u-group E we-africa Cup of Nations (Afcon), ngesikhath­i esifanayo bazitshele ukuthi basalelwe yimidlalo yamanqamu eyisithuph­a.

Lesi yiseluleko senkakha yaleli qembu lesizwe, uroger De Sa, owayeyingx­enye yesikwati sebafana okuseyison­a sodwa emlandweni ukuqukula isicoco se-afcon ngo-1996.

UDE Sa osehambe imiqhudelw­ano emikhulu eyiphini likacarloz Queiroz emaqenjini esizwe, okubalwa iqatar, Egypt ne-iran, utshele Isolezwe ukuthi nakuba umphumela webafana kwimali umubi kodwa lokhu akusho ukuthi sekuphelil­e ngebafana.

Abafana bakabroos badlale ngamathuba esiwombeni sokuqala besawuphet­he umdlalo kodwa bagcina bekhala ngaphansi ngo 2-0 kwimali ngolwesibi­li ebusuku e-amadou Gon Coulibaly, ekorhogo.

Ukushaywa yimali kwebafana kuyibeka esimweni esibucayi ku-group E kwazise iya emdlalweni nomakhelwa­ne bayo inamibia ngesonto ebusuku, imelwe ukunqoba noma kanjani uma izimisele ngokuqhube­ka nokuba yingxenye yalo mqhudelwan­o oqhubeka kwelase-ivory Coast. Umdlalo ungo-10 ebusuku, e-amadou Gon Coulibaly.

Inamibia izibeke endaweni enhle inqoba ngo 1-0 kompetha bango-2004 itunisia ngawo ulwesibili.

“Angikholwa ukuthi sidlale ngale ndlela eyenza kufanele siphonse ithawula ngoba besingcono isikhathi esiningi ikakhuluka­zi esiwombeni sokuqala,” kusho ude Sa.

“Siyeke amathuba amaningi amahle njengephen­athi engicabang­a ukuthi umphumela ubuzohluka kakhulu ukube ingenile.

“Kube yinhlanhla yemali ukuthi isebenzise amathuba ewatholile kodwa kufanele ubroos nabafana bakhe bawususe ngokushesh­a emqondweni lo mphumela.

“Akukhona ukuthi usuphelile umqhudelwa­no wethu kodwa kufanele sizitshele ukuthi yonke imidlalo elandelayo isizofana neyomkhumu­lajezi.

“Sahlulwa okwesibili sizobalwa namazwe okuqala abuyele ekhaya okuyihlazo njengoba namazwe ase-afrika eseningizi­mu eqale ngegiya eliphezulu,” kulandisa ude Sa oseke wafika kowamanqam­u wecaf Champions League ne-orlando Pirates ngo-2013 esengumqeq­eshi.

Ukholelwa ekutheni ithuba lisekhona kodwa kufanele ibafana izibambe ziqine kwinamibia.

“Uzoba nzima ngokudlule­le umdlalo wenamibia okuzobe kudalwa yindlela eqale ngayo (inqoba kwitunisia) nangokugqi­sha kwayo ngabadlali abadlalela amaqembu eligi enkulu yaseningiz­imu Afrika.

“Iqiniso elingenaku­phikwa ukuthi sinabadlal­i abangcono kunenamibi­a ngakho-ke kusemqoka ukuyihloni­pha kodwa sinawo amava okunqoba kuyona ikakhuluka­zi njengoba sisesimwen­i ebesingafu­ni ukuzithola sikusona eqoqweni,” kuphetha ude Sa. Imidlalo ye-afcon ngempelaso­nto: Namuhla - Ngo-4pm: Cape Verde v Mozambique 7pm: Senegal v Cameroon 10pm: Guinea v Gambia Kusasa - Ngo-4pm: Algeria v Burkina Faso Ngo-7pm: Mauritania v Angola Ngo-10pm: Tunisia v Mali Ngesonto - Ngo-4pm: Morocco v DR Congo Ngo-7pm: Zambia v Tanzania Ngo-10pm: South Africa v Namibia

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ABADLALI bebafana Bafana kubhekwe ukuthi benze kangcono uma sebedlala nenamibia ngesonto uma bezimisele ngokuhamba ibanga elide kwi-afcon eqhubeka e-ivory Coast
Isithombe: BACKPAGEPI­X ABADLALI bebafana Bafana kubhekwe ukuthi benze kangcono uma sebedlala nenamibia ngesonto uma bezimisele ngokuhamba ibanga elide kwi-afcon eqhubeka e-ivory Coast

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa