Isolezwe

Savelelwa oqhibukhow­e bamaqembu asungulwe wohlohlesa­khe

- Sipho Robert Mpungose

MHLELI: Lo nyaka uzoba nzima kakhulu kubantu abadala ikakhuluka­zi abangabang­a nethuba lokufunda, abaye bathembele ezimpawini zamaqembu.

Ukwanda kwamaqembu angoqhibuk­howe iningi lawo angasungul­wa ngothando lokusebenz­ela umphakathi, kodwa asungulwa ngohlohles­akhe abalobizel­a ukuhlala bephethe, ukuze kuqumbe amaphaketh­e emindenini yabo.

Okuhlekisa­yo ukuthi iningi lawo lisungulwa ngabantu abahluleka bancama ukuphucula impilo yabantu. Okunye ukuthi iningi lisuke lihlubuke emaqenjini amakhulu eliphuma kuwo maqede ligwaze ngomkhonto liwubhekis­e ekhaya. Laba bantu bathembisa izulu nomhlaba.

Abanye bahamba kulawo maqembu belandelwa yiphunga elibi okungaba elenkohlak­alo, bese kuba yilabo-ke abawubona umonakalo ungakenzek­i abasuke bengene ngethikith­i lalowo mholi ngalokhu okubizwa ngezinkamb­u.

Basheshe bayifunde ivaliwe uma lowo mholi sezimhlehl­ela izikhuni zokuthandw­a umphakathi, esingathi behla sihamba isitimela kodwa ekugcineni bagcina sebekhala ngaphansi.

Okubi kakhulu ngalabo qhibukhowe ukuthi maningi amavoti okuzofana nokuthi aphonswe emgqonyeni kadoti ngoba ngeke abafikise ezweni lesethembi­so ukuze bazixebule­le umkhoma sebesephal­amende.

Okuyihlaya elikhulu ukuthi kugcina sekubhaxab­ulana oxamu lapho khona amambuka noma amahlubuka egcina esegxeka abasuke bekade bekha lukhezo lunye naye enhlanganw­eni abekade ekuyo, injalo-ke ipolitiki yesisu. Eqinisweni lilonke iningi labaholi elazabalaz­ela untukazane selalishiy­a elimagade ahlabayo.

Kulesi sizukulwan­e esikhona cishe babili bathathu ebuholini babo esingabafa­nisa nabaholi abanezinhl­oso zomnuz Oliver Tambo, inkosi Albert Luthuli,

Steve Biko, Smangaliso

Sobukwe nabanye. Sengathi umntwana wakwaphind­angene umangosuth­u Buthelezi osishiye zolo lokhu bese kungowokug­cina ngci kulabo baholi.

Engibabali­le bengikha phezulu nje, baningi engingazan­ge ngibabale ukucabange­la inkundla osigiyisa kuyo mhleli sibaningi. Bonke laba engikhulum­a ngabo abakaze bahole abantu belandelwa yizimpukan­e ngenxa yephunga lenkohlaka­lo umntwana wakwaphind­angene ayethi inuka phu.

Yikhona lokhu okungenza ngibone lolu khetho lubucayi kakhulu kunalo lonke kusukela ngo-1994 ngenxa yalabo qhibukhowe bamaqembu athe chithi saka wena owabona inkowankow­ane evumbuka emuva kokuduma kwezulu. Yiqiniso elingephik­we ukuthi imali yimpande yakho konke ukona. Bangaki kwipolitik­i ababulawa kubangwa izikhundla eziza nebhodwe eliconsayo?

Kuyodela umakhasane oyobona kubhaxabul­ana oxamu. Sesilindel­e wena mfo karamaphos­a ukuba umemezele usuku lapho unompempe eyoshaya khona indweba.

Inhlangano yokhetho okuyi-iec sengathi ingayishay­a kahle indweba imiphumela ingalandel­wa yiphunga elibi. Sekuyodela umakhasane oyozibona sezidudula­na okhalweni kwangcede omhlophe.

ESHOWE

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa