Isolezwe

Kuzosungul­wa inkampani ezobhekele­la ezikahulum­eni

- BONISWA MOHALE

K

ULINDELEKE ukuthi silunge isimo ezinkampan­ini zikahulume­ni ngoba zonke sezizokwen­ganyelwa yinkampani eyodwa. Inkampani entsha ezobizwa ngokuthi yistate Asset Management Soc Ltd, izokwengam­ela idenel, Eskom, SA Post Office, CEF, Broadband Infraco, Airports Company South Africa, Air Traffic and Navidation Services, Sentech, South African Airways, South African Forestry Co, nesouth African Nuclear Energy Corp. Kuzokhumbu­leka ukuthi ngonyaka odlule ungqongqos­he wamabhizin­isi kahulumeni, umnuz Pravin Gordhan, wethula umthethosi­vivinywa obizwa ngestate Owned Enterprise Bill (SOE Bill). Umthetho uhlongoza ukuthi zonke izinkampan­i zikahulume­ni zenganyelw­e yinkampani eyodwa ezoba nebhodi elizimele. Bekuvulelw­e umphakathi ithuba lokuphawul­a ngalokhu. Ugordhan wathi bethula ISOE Bill ngoba befuna ukuletha uzinzo ezinkampan­ini zikahulume­ni, ukugwema ukuthi zihlale zitakulwa obishini. Kulindelek­e ukuthi inkampani enkulu ibe nebhodi elizimele, elizoqapha ngeso lokhozi konke okwenzeka ezinkampan­ini zikahulume­ni. Embhalweni oshicilelw­e esazisweni sikahulume­ni i-government gazette yale nyanga, kubikwe ukuthi izoba yinkampani ezimele izoba nabantu abanamakho­no ehlukene. Ukungena ebhodini lenkampani entsha kahulumeni kuzoba nemigomo enzima ngoba kuzohlolwa iziqu, ulwazi namakhono abantu abafisa ukungena kulo. Konke lokhu kuthiwa kwenzelwa ukuthi izinkampan­i zikahulume­ni zikwazi ukuzingeni­sela imali. Njengamanj­e izimayini nezinye izinkampan­i ezizimele zikhala ngezinking­a zamaguzu, ezamachweb­a nezinkinga zikagesi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa