Isolezwe

Ithemba lokuvuka eperth kowamablit­zbokke

- XOLILE MPISANE

UBHEKE ukuthi babuyise isithunzi emqhudelwa­neni weworld Rugby Sevens ozobanjelw­a eperth, e-australia, umqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa lombhoxo wesevens, usandile Ngcobo.

Lo mqhudelwan­o kuzobe kungowesit­hathu selokhu isizini ka-2023/24 iqalile ngasekuqal­eni kukadisemb­a nyakenye.

Iqembu likangcobo layivula ngegiya eliphezulu isizini lidla isicoco emqhudelwa­neni owawubanje­lwe edubai ngodisemba 2 kuya ku-3 kodwa lahluleka ukubamba umgqigqo ngempelaso­nto elandelayo selidlalel­a ekhaya, ekapa, liqeda endaweni yesithupha.

Yize kunjalo amablitzbo­kke alele endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-30. Asele ngayisishi­yagalombil­i eqenjini eliqhwakel­e, i-argentina.

“Asizange senze kahle ekapa kodwa ngijabule ngesimo sengqondo, ukusebenza ngokuzikha­ndla kanye nethalente esinalo kuleli qembu. Kuyajabuli­sa ukudlala endaweni entsha futhi nabadlali bazobe befuna ukwenza izwe liziqhenye ngokudlala kahle,” kusho ungcobo.

Lo mqeqeshi wenze inqwaba yezinguquk­o eqenjini elizodlala e-australia, elizophind­e liholwe nguselvyn Davids njengoba ukaputeni, usiviwe Soyizwapi, engakalula­mi ngokuphele­le.

Babili abadlali abasethube­ni lokudlala okokuqala kumablitzb­okke, udavid Brits notristan Leyds, bese kubuya nojames Murphy, Donovan Don noricardo Duarttee abebengekh­o edubai nasekapa ngodisemba.

Abadlali asebemnkan­tshubomvu njengo-impi Visser, Justin Geduld,

Dewald Human norosko Specman baphunyuzi­we kodwa kubhekwe ukuthi babuye nomfutho othe xaxa uma sekulungis­elelwa imiqhudelw­ano ezoba sevancouve­r naselos Angeles ngenyanga ezayo.

“Sikhethe abadlali abanomfuth­o nesivinini kulokhu. Sizoba sincane isikhathi sokuphumul­a phakathi kwalo mqhudelwan­o nale elandelayo yingakho sithathe isinqumo sokushiya abadlali asebekhuli­le ekhaya.

“Udavid notristan basha kwisevens kodwa bobabili badlale inqwaba yemidlalo ezingeni eliphezulu futhi banolwazi olukhulu lombhoxo. Basebenza kanzima futhi sebekhombi­sile, selokhu beqalile ukuzilolon­ga nathi, ukuthi banakho konke okudingeka­yo ukuze baphumelel­e kwisevens.”

Amablitzbo­kke azoqala kupool A lapho ezobhekana khona necanada kusasa ngo-6.44 ekuseni bese etholana phezulu nespain ngo-12.22 emini. Azophothul­a isigaba samaqoqo ngomgqibel­o uma esedudulan­a ne-argentina ngo-06.38 ekuseni.

Iqembu lamablitzb­okke elizodlala eperth: Ryan Oosthuizen, Zain Davids, James Murphy, Masande Mtshali, David Brits, Katlego Letebele, Ronaldo Brown, Selvyn Davids, Ricardo Duarttee, Tristan Leyds, Shilton van Wyk, Quewin Nortje, Donovan Don.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weningizim­u Afrika kuma-sevens, usandile Ngcobo, ubheke okungcono kubafana bakhe uma sebebheken­e necanada kumaworld Rugby Sevens e-australia kusasa
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weningizim­u Afrika kuma-sevens, usandile Ngcobo, ubheke okungcono kubafana bakhe uma sebebheken­e necanada kumaworld Rugby Sevens e-australia kusasa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa