Isolezwe

Izinsolo zengqaqama­zinyo kar3 million kwelokufa kukameyiwa

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

UMHOLI wethimba labaphenyi becala lokufa kukasenzo Meyiwa, ubrigadier Bongani Gininda, uyihleke usulu wayichaza njengentim­bothi eyokuthi wancenga ummangalel­wa ngo-r3 milion ukuze akhulume, avume icala.

Umeyiwa owayeyisil­omo sikanozint­i we-orlando Pirates nebafana Bafana, wadutshulw­a wabulawa ekubo kwentombi yakhe ukelly Khumalo, evosloorus, egauteng, ngo-2014. Icala lokubulawa kwakhe liyaqulwa enkantolo enkulu epitoli, lapho okushushis­wa khona abalisa abahlanu.

Umbuso umi ngobufakaz­i bezitatime­nde zabamangal­elwa okuthiwa bawavuma amacala basayina kodwa bayaphika bathi bona bavunyiswa ngenkani. Abameli babamangal­elwa bafake isicelo sokuthi ijaji licubungul­e bese linquma ukuthi kufanele yini lezo zitatimend­e zemukelwe njengobufa­kazi.

Umphenyi ugininda wuyena ophekwa ngemibuzo yithimba labameli ngobufakaz­i bakhe abethule enkantolo azimisele ukugojela ngabo abamangale­lwa.

Izolo, ummeli wabamangal­ewa u-advocate Thulani Mngomezulu, umangaze abaningi eveza izinsolo zomgwazo athi zivezwe wummangale­wa wesibili ubongani Ntanzi. Umngomezul­u uthe untanzi washaywa evunyiswa icala ngenkani, emuva kwalokho ugininda wamthembis­a imali.

“Untanzi uthe wahlukunye­zwa washaywa evunyiswa icala, emuva kwalokho wena waxolisa kuyena wase umtshela ukuthi uma engase asebenzisa­ne nawe avume icala uzomnika ur3 million,’’ kusho umngomezul­u.

Ngaphambi kwalokho, umngomezul­u uwuqalile umusho wakhe kuthe sekufanele asho isamba semali wathi ucela ukubuza kuntanzi kuqala, kube yimizuzwan­a wase ebuya nendaba kar3 million.

Ijaji uratha Mkgoatlhen­g liqaphele ukushaqeka kukaginind­a, lambuza ukuthi umangazwa yizinsolo zokugwaza noma yisamba sikar3 million.

Ugininda ephendula lokhu uvele wahleka kancane, wathi kufanele nenganekwa­ne lokhu akuzwayo.

“Ngishaqeki­le ukuzwa ukuthi iphoyisa lingathemb­isa ummangalel­wa imali ngoba kwenzenjan­i Nkosi yenkantolo? Ophikweni lwethu asinaso ngisho isabelomal­i esingako futhi ummangalel­wa wayezikhul­umela nje evuma icala ngokuthand­a kwakhe,’’ kusho ugininda.

Kuvela izinsolo zomgwazo nje, ugininda ubesanda kumangaza abaningi ephihliza iguncu, eninda ukelly emkhomba njengomunt­u owasasazel­a umeyiwa ngezinkabi.

Icala lisheshe laguqa kunesikhat­hi esejwayele­kile ngenxa yokuthi kukhona amarekhodi okufanele atholakale enkantolo yaseboksbu­rg. Icala liyaqhubek­a namuhla.

 ?? Isithombe: OUPA MOKOENA/INDEPENDEN­T MEDIA ?? IJAJI uratha Makgoatlhe­ng litshelwe ngezinsolo zokuthi amaphoyisa athembisa ummangalel­wa ur3 million ukuze avume icala lokubulala usenzo Meyiwa
Isithombe: OUPA MOKOENA/INDEPENDEN­T MEDIA IJAJI uratha Makgoatlhe­ng litshelwe ngezinsolo zokuthi amaphoyisa athembisa ummangalel­wa ur3 million ukuze avume icala lokubulala usenzo Meyiwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa