Isolezwe

Siyashuba isigcawu semantshi eqondisa ubugwegwe

- SIMPHIWE NGUBANE

SITHATHE elinye igxathu isigcawu sokuqondis­a ubugwegwe umengameli wezimantsh­i Kwazulu-natal, omisiwe emsebenzin­i njengoba sekuvunyel­we izingqaphe­li ukuba zilalele okuzobe kwenzeka.

Inhlangano engenzi nzuzo, isaving The Wild, iveze ukuthi ingase ithathe izinyathel­o zomthetho ekugcineni.

Ithe umsebenzi wayo wukuqapha nokuneka obala amahlazo athinta ubugebengu, ikakhuluka­zi bokubulawa kobhejane ngenhloso yokudayisa izimpondo zabo.

Emaphephen­i ewathule kowengamel­e isigcawu, ijaji Jeremiah Shongwe eselathath­a umhlalapha­nsi, inhlangano ifuna ukulalela konke okuzobe kushiwo, bese iyabona ukuthi ngeke yini yashushisa ekugcineni.

Ushongwe usivumile isicelo senhlangan­o emuva kokuthi siqale samukelwa wumqashi ngaphansi kwemagistr­ates

Commission nethimba elimele obekwe amacala, umnuz Eric Nzimande.

I-saving The Wild iveze ukuthi seyike yambika unzimande kowayengum­vikeli womphakath­i usolwazi Thuli Madonsela.

Icele ukungazith­wali izindleko zabameli ngoba ithi ekwenzayo kuwukusiza umphakathi mahhala.

Unzimande uthweswe amacala angu-162. Uwaphike wonke ngomsombul­uko kuqala isigcawu esisingath­elwe enkantolo edingida amacala emindeni esephoyint­i, ethekwini.

Ushongwe ube esekubekel­a umashi 4 kuya kumashi 15 ukulalelwa kwesigcawu.

Kwamanye amacala athweswe unzimande yizinsolo zokugwazis­a abantu ayephakami­se amagama abo kungqongqo­she ukuba abaqoke babe yizimantsh­i okwesikhas­hana.

Kukhona necala elimayelan­a nezinsolo zokuhlukum­eza umsebenzi ngokocansi, elokushaye­lana ucingo nowayebosh­elwe icala lokushushu­mbiswa kwabantu, amacala okuyogembu­la e-casino ngesikhath­i somsebenzi.

Unzimande usolwa nangokubol­eka imali kummeli ukuze akhokhele ingane yakhe enyuvesi.

Wamiswa emsebenzin­i ngo2018, uhlu lwamacala athweswe wona ngumqashi esebuyekez­iwe lwalotshwa ngomashi 2021.

Unzimande uye abukeke ekhululeki­le uma evela phambi kwesigcawu nommeli.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa