Isolezwe

Kuxwayiswa abantu nge-livestock Wealth

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO elawula abasebenza ngemali kuleli, i-financial Sector Conduct Authority (FSCA) isiveze ukuthi inkampani esiza abatshala imali kwezemfuyo, i-livestock Wealth, kayinayo imvume yokwenza lo msebenzi.

I-FSCA ithe isithole ukuthi i-livestock Wealth yenza umsebenzi engagunyaz­iwe ukuwenza, wokunika abantu amacebo okutshala imali kwezolimo noma kwimfuyo.

Iveze ukuthi ayikaze igunyaze le nkampani ukwenza umsebenzi njengoba wonke amabhizini­si asebenza ngemali kufanele athole igunya nesitifike­ti kulandelwa i-financial Advisory and Intermedia­ry Services Act, ka 2002 (FAIS Act).

I-livestock Wealth isebenzisa inombolo yokusebenz­a yenye inkampani ebizwa nge-livestock FS ewufsp 51237.

Ithe iyayipheny­a ne-livestock FS ngoba kufanele ichaze ukuthi inombolo yayo isetshenzi­swa kanjani ngenye inkampani ukuze ihwebe.

I-FSCA ithe izowazisa konke umphakathi uma isiqede konke ngophenyo lwayo kodwa yakugcizel­ela ukuthi i-livestock Wealth kayinalo igunya lokusebenz­a ngemali.

Kwisizinda­lwazi se-livestock Wealth, kubhalwe ukuthi abantu bangatshal­a imali ezinhlaken­i ze-macadamia noma bathenge izinkomo nenye impahla yezolimo.

Abantu bakwazi ukutshala u-r2000 kuya ku-r18 730. Imali yabo ivuthwa ezinyangen­i eziyisithu­pha kuya eminyakeni eyisithuph­a, kuya ngokuthi bayitshale kuphi.

Isolezwe libathinti­le abe-livestock Wealth, bacela ukuthi bathunyelw­e i-email njengoba bezokhipha isitatimen­de ngalokhu.

I-FSCA ithe ngaphambi kokuthi abantu batshale imali yabo ezinkampan­ini ezithi zisebenza ngemali, kufanele babheke ukuthi zibhaliswe ngokusemth­ethweni, ngokushaye­la u-0800

110 443 noma babheke ku-www.fsca.co.za.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa