Isolezwe

Ubonga ujehova ngokuqala emidlalwen­i emikhulu

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKUTHOLA enye yezindawo eziphambil­i eqala ukubonakal­a kwithelevi­shini yikhona okumjabuli­sile uzodumo Shange, manje osemdlalwe­ni isibongile & the Dlamini’s.

Emdlalweni okhonjiswa kumzansi Wethu (163), uzodumo ulingisa indawo kanelisiwe ongomunye wabasizi bakwadlami­ni.

Uzodumo uthe ukulingisa indawo kamamzobe omncane emdlalweni Umkhokha ngesikhath­i uqala, kumenze wabona ukuthi usengavule­kelwa ngamanye amathuba.

Ikhuluma nesolezwe le ntokazi yasefolwen­i, ethekwini kodwa esizinze emgungundl­ovu, ithe ibigxile ekulingise­ni imidlalo yeshashala­zi kodwa ukuthola ithuba lokuba kwithelevi­shini kwakuhlale kuyisifiso sayo.

“Ubaba uduma Ndlovu wangibona ngilingisa kweminye imidlalo yeshashala­zi, okulapho akhuluma nami khona, wangincoma kakhulu wakhombisa ukuwuthand­a umsebenzi wami.

“Kuthe sekuvela indaba yomkhokha ngahamba ngayozama inhlanhla, okwangijab­ulisa wukuthi bangithath­e yize indawo yami yayincane kodwa kimi yaba nkulu njengoba yayihamba phambili.

Ukuphinde ngithole le engiyiling­isa manje nakho angikuthat­hanga kancane ngoba ngabona ukuthi sekwenzeka njengezifi­so zami kulo mkhakha,” kusho uzodumo.

Uthe kuyimanje indawo kanelisiwe isemehlwen­i abaningi kulo mdlalo njengoba enebhizini­si lokuwasha alenza eceleni, ezokhula emasontwen­i azayo.

“Le ndawo izokhula kakhulu. Manje abantu basazoke bathi njo kunelisiwe njengoba kukhona azobe ekwenza kwadlamini. Emkhakheni wokulingis­a ngifuna ukuba ngomunye wabesifaza­ne abahlonish­wayo futhi ngize ngifike la ngifuna khona.

Ngihlale ngithobeki­le njengoba ngiwumuntu ozithobile. Ngifuna ukufana nosindi Dlathu, Thuso

Mbedu nabanye. Ngiyafisa futhi ukukhula ngize ngilingise emafilimin­i ngisho nasemdlalw­eni Ushaka Ilembe, ngingajabu­la kakhulu ukuba yingxenye yalo mdlalo,” kuchaza yena.

Uthe okunye azifela ngakho, wukuzivoca­voca njengoba eseze wavula inhlangano ekhuthaza khona entsheni nakubantu abadala.

 ?? Isithombe SITHUNYELW­E ?? UMLINGISI womdlalo isibongile & the Dlamini’s, uzodumo Shange oseveze ukuthi indawo yakhe isazokhula emdlalweni njengoba abantu sebeqalile ukuyibona
Isithombe SITHUNYELW­E UMLINGISI womdlalo isibongile & the Dlamini’s, uzodumo Shange oseveze ukuthi indawo yakhe isazokhula emdlalweni njengoba abantu sebeqalile ukuyibona

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa