Isolezwe

Uzojabulis­a abalandeli bakhe kwigenerat­ions ukgomotso

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKGOMOTSO Christophe­r useveze ukuthi ukuba yingxenye yomdlalo igeneratio­ns: The Legacy ukwenze ngenxa yabalandel­i bakhe abalokhu beqhubekil­e nokumxhasa endimeni.

Ukgomotso umenyezelw­e ukuba ngomunye wabalingis­i abasha bomdlalo okhonjiswa ngomsombul­uko kuya kulwesihla­nu ngo-8 ebusuku KWISABC1.

Uzoqala ukubonakal­a kuwo ngomashi 14. Uzolingisa indawo kakeabetsw­e Moloi, oyiwele likakhumo Moroka, okuyindawo elingiswa nguaubrey Poo.

“Wumzuzu engiwujabu­lele kakhulu lona, usho lukhulu kimi. Umdlalo igeneratio­ns: The Legacy ngomunye wemikhulu kuleli futhi ukuba kuwo yinto okungamele uyithathe kancane.

Sengikulin­dele ngabomvu nami ukubona ukuthi ungubani ukeabetswe “Kea” Moloi nokungena endaweni yakhe. Abantu engibajabu­lela kakhulu manje ngabantu abalokhu beqhubekil­e nokungixha­sa kukhona konke engikwenza­yo kulo mkhakha.

Ukuba kulo mdlalo ngikwenza egameni labo. Ngithi nje abayijabul­ele le ndawo,” kuchaza yena.

Uthe ababhali bomdlalo nelinye ithimba elihamba phambili kuwo, bebehlala bemtshela ukuthi bafuna abe yingxenye yomdlalo.

“Nabo bajabule ngoba bangitshel­ile ukuthi kudala bengifuna emdlalweni, ngakho yisikhathi sami manje futhi ngivumele phezulu ukujoyina umdlalo,” kuchaza yena.

Ababhali bawo umdlalo baveze ukuthi ukeabetswe akafani newele lakhe ukhumo njengoba evulelekil­e, eneqiniso futhi ezimisele ukusebenzi­sa isikhundla sakhe sokuba ngowakamor­oka. Usiza abantu futhi enze kahle kuwona wonke umuntu asondelene naye.

Bathe ubudlelwan­e abanabo buhle ngendlela yokuthi bayathemba­na ukuthi kukhona konke abakwenzay­o futhi bayavikela­na.

 ?? Isithombe: X ?? UKGOMOTSO Christophe­r usemenyeze­lwe ukuthi ungomunye wabalingis­i abasha abazobonak­ala emdlalweni igeneratio­ns: The Legacy kusuka ngomashi
Isithombe: X UKGOMOTSO Christophe­r usemenyeze­lwe ukuthi ungomunye wabalingis­i abasha abazobonak­ala emdlalweni igeneratio­ns: The Legacy kusuka ngomashi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa