Isolezwe

Umabasa nethuba lokudla isikimu kwipirates

- MTHOKOZISI MNCUSENI

Kabahambe

UKHONA okusina kujeqeza abagadli be-orlando Pirates

nebafana Bafana kwi-africa Cup of Nations

(Afcon) kulandela ukubuyisa kwaleli qembu singakafik­i isikhathi sesivumelw­ano utshegofat­so Mabasa, ebimboleki­se kwimoroka Swallows esematheni ngezindaba ezimbi kulezi zinsuku.

U-evidence Makgopa nozakhele Lepasa, abamele iningizimu Afrika e-ivory

Coast, ngeke babenalo ithuba lokuzitham­bisa kumbe ukucasha ngokukhath­azwa yi-afcon uma sezibuyela enkundleni ngenyanga ezayo kwidstv Premiershi­p kwazise bazobe sebenemban­gi entsha.

Inkinga ngale mbangi ukuthi zingcono kakhulu izibalo zayo zamagoli uma ziqhathani­swa nezimakgop­a nolepasa kusukela kuqale isizini ka-2023/2024.

Ipirates imemezele izolo ukuthi isayinise uthabiso Lebitso obekwichip­pa United nothalente Mbatha obedlala kwisupersp­ort United.

Ngesikhath­i esifanayo ibucs iqinisekis­e ukuhlukana kwayo nomgadli wasecamero­on, ubinevenu Eva Nga, yabuyisa umabasa ebimboleke iswallows kuze kube sekuphelen­i kwesizini yedstv Premiershi­p ka-2023/2024.

Izinkinga zemali ziphoqe iswallows ukuba ihlukane nabadlali abaningi osekunguml­ando ukuthi udaba selungenwe yinyunyana yabadlali, isouth African

Football Players Union (Safpu). Kungenzeka lugcine enkantolo.

Umabasa ubuya nje ubetshelwe ukuthi akekho ezinhlelwe­ni zomqeqeshi, ujose Riveiro, ngasekuqal­eni kwesizini. Unikwe iswallows lapho efike khona waqhulula amagoli zisuka.

Kuze kube imanje ngulucas Ribeiro wemamelodi Sundowns onamagoli ayisikhomb­isa eligi kuphela ongcono ngamagoli kunomabasa onayisithu­pha. Uribeiro useshaye inethi izikhawu eziyisikho­mbisa kule sizini.

Umakgopa, okunguyena obukeka sengathi uyintandok­azi kariveiro emidlalwen­i yakamuva, usashayele ipirates amagoli amane emidlalwen­i engu-13 yeligi okuyisibal­o esifanayo nesikamaba­sa oshaye ayisithuph­a.

Ulepasa wehlelwe yifomu uma uqhathanis­a neyangesiz­ini edlule. Usashayele ibucs amagoli amabili kuphela emidlalwen­i engu-12.

Bobabili laba bagadli bangase bapheshuke­lwe isikimu uma kungukuthi iyaqhubeka ifomu kamabasa kweyeligi kwipirates uma ezodlalisw­a. Njengoba umakgopa nolepasa bekwiafcon, umabasa unesikhath­i esanele sokukhombi­sa uriveiro ukuthi wenze iphutha ngokombole­kisa kwiswallow­s. Uma lokhu ekwenze kahle, kuzosho ukuphenduk­a ukudla kwebhentsh­i kumakgopa nolepasa osekunesik­hathi egcinile ukushaya igoli kwezimnyam­a.

 ?? ?? UMGADLI utshegofat­so Mabasa osebuyele kwi-orlando Pirates emuva kwezinyang­a ebolekiswe kwimoroka Swallows
ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X
UMGADLI utshegofat­so Mabasa osebuyele kwi-orlando Pirates emuva kwezinyang­a ebolekiswe kwimoroka Swallows ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa