Isolezwe

Uyajama umkhankaso we-da wokuhlakaz­a itheku

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

I-DA Kwazulu-natal isabisa ngokuya enkantolo iyomangale­la usomlomo wetheku, umnuz Thabani Nyawose, emsola ngokuyijik­ela ngesiphaka­miso sayo sokuthi kuhlakazwe umkhandlu.

Umkhandlu wetheku uphethwe YI-ANC ngokubambi­sana NE-NFP kanye NE-EFF emuva kokuthi lingabanga khona iqembu elinqoba ingcaca.

Udaba lomkhandlu wetheku luwundabam­lonyeni kanti phambilini kuke kwamenyeze­lwa ukuthi kungenelel­a uhulumeni kazwelonke. Kwamenyeze­lwa ukuthi kuzothunye­lwa izinkunzi eziluvava kwezokupha­tha ziyolekele­la.

I-DA ithe isixoxe nezinhlaka ezehlukene namanye amaqembu abakholwa wukuthi kufanele umkhandlu uhlakazwe.

I-DA yafaka isiphakami­so sokuthi kuvotelwe ukuhlakazw­a komkhandlu wetheku, iwusola ngokwehlul­eka wukusebenz­ela abantu. I-DA ithe unyawose useshaya izaququ ngemizuzu yokugcina.

Usihlalo we-da Kwazulu-natal, umnuz Dean Mcpherson ukhulume ngodaba izolo esithangam­ini nabezindab­a ethekwini. Umcpherson, ubehambisa­na nomnuz Thabani Mthethwa ohola ikhokhasi yeda ethekwini.

Bekulindel­eke ukuthi isiphakami­so sidingidwe emhlanganw­eni womkhandlu okufanele uhlale kusasa bese kuyavotwa.

Ngasekuphe­leni konyaka odlule ihhovisi likasomlom­o wetheku lavuma ukuthi udaba luzohlalel­wa emhlanganw­eni womkhandlu bese kuyavotwa. I-DA ithe isanda kuthola incwadi kanyawose ethi kukhona abasazama ukukucubun­gula nethimba labo lezomtheth­o.

Umcpherson uthe uma usomlomo unyawose engacacisi bazoya enkantolo bamphoqe ukuthi ahlalise umhlangano.

“Akuyi ngokuthi yena ufuna kwenzekeni futhi uma engafuni kuhlale umhlangano singafikis­ana ngisho enkantolo. Siyobehlul­a futhi kuyofanele akhokhe izindleko zenkantolo yena qobo lwakhe,’’ kuchaza umcpherson.

Usomlomo ushayelwe kaningi ocingweni lwakhe lungabanjw­a, wathunyele­lwa nemiyalezo yangaphend­ulwa. Uthe uma ezanywa futhi ucingo bese lungasange­ni.

Umthethwa uthe bathole ukuthi unyawose ushaya izaququ ngoba I-ANC iyesaba ukuthi ingase iketulwe emandleni.

“Inkinga ababhekene nayo wukuthi abazi ukuthi amakhansel­a E-EFF azovota kanjani. Kunenkinga yokuthi kukhona amakhansel­a abangasawe­thembi ukuthi azovota kanjani ngoba ayamaniswa neqembu, umkhonto wesizwe. Uma bengavumi kuhlalelwe udaba sizothatha izinyathel­o zomthetho,’’ kuchaza umthethwa.

 ?? Isithombe : STEVE BHENGU/DA ?? KWESOKUNXE­LE ngusihlalo we-da umnuz Dean Mcpherson, nomholi wekhokhasi kuleli qembu ethekwini umnuz Thabani Mthethwa
Isithombe : STEVE BHENGU/DA KWESOKUNXE­LE ngusihlalo we-da umnuz Dean Mcpherson, nomholi wekhokhasi kuleli qembu ethekwini umnuz Thabani Mthethwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa