Isolezwe

‘Uzuma waboshwa izibhelu kade zahlelwa’

- ZIMBILI VILAKAZI

ZIGQAMISE ukuxhuga kwezobunhl­oli eningizimu

Afrika nokucwasan­a ngokobuhla­nga izinhlanga­no ezilwela amalungelo abantu kuleli, zethula imibiko yazo ngezibhelu zangojulay­i 2021 emhlanga izolo.

Lezi zinhlangan­o, okuyisouth African Human

Rights Commission (SAHRC) ne-commission for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural, Religious and Linguistic Communitie­s, zichithe isikhathi esingaphez­u kweminyaka emibili ziphenya ngezibhelu.

Zibe nezigcawu Kwazulunat­al nasegauten­g ngenhloso yokuthola kabanzi ngezibhelu ezinhlaken­i ezehlukene.

Ukhomishan­a WESAHRC, unksz Philile Ntuli uthe umonakalo wabhebheth­ekiswa wukuthi kwakungekh­o ukuxhumana okuhle ezinhlaken­i zobunhloli zikahulume­ni kanjalo nokuzilung­isela isimo.

“Uhulumeni waphuza ukuphendul­a nezinsizak­usebenza zazinganel­e, okwaholela ekutheni isimo singalawul­eki,” kusho unksz Ntuli.

Uthe umengameli, ongqongqos­he bezobunhlo­li namaphoyis­a kwakufanel­e bakulungel­e ukuthi babhekane nenhlekele­le eyabe isiphambi kwabo.

Uqhube wathi bathole ukuthi okwenzeka ngezibhelu kwakuhleli­we. Ubalule ukuvalwa komgwaqo u-n3, ukuhlaselw­a kwamabhizi­nisi nokuqhunyi­swa kwama-atm.

Uthe yize izibhelu zaqondana nokuboshwa kowayengum­engameli wezwe umnuz Jacob Zuma, kwadwebeka isithombe sokuthi zenzeka ngenxa yalokho kodwa uphenyo lwabo luveza ukuthi akunjalo.

Uqhube wathi bathole ukuthi izibhelu zaqala ukuhlelwa ngodisemba 2020, lapho abathile babehlongo­za khona ukususa uthuthuva emizameni yokususa umengameli Cyril Ramaphosa.

Uthe baphume nesincomo sokuthi kubekwe eqhulwini udaba lokucija amaphoyisa, ukuze akwazi ukukhuza ngendlela efanele uthuthuva emphakathi­ni.

Ephawula ngokubulaw­a kwabansund­u ephoenix, uthe kwabhebhez­elwa yinzondo ebilokhu ikhona phakathi kwabomdabu basendiya nabamnyama.

“Sithole ukuthi ibilokhu ikhona inzondo ebilokhu ikhulunywa yizizukulw­ane ngezikulwa­ne ngempi yango1949 ecato Manor neyango-1985 enanda,” kusho unksz Ntuli.

Usihlalo WECRL, usolwazi Luka Mosoma uthe abantu abenza izenzo zokucwasa ngokwebala kufanele bajeziswe.

“Kufanele izinhlaka ezahlukene emphakathi­ni nakuhulume­ni zisungule izinhlelo ezizogqugq­uzela ubumbano emphakathi­ni wamandiya nowabansun­du,” kusho umosoma.

 ?? ?? UKHOMISHAN­A WESAHRC, unksz Philile Ntuli
UKHOMISHAN­A WESAHRC, unksz Philile Ntuli
 ?? ?? USIHLALO WE-CRL Commision, usolwazi Luka Mosoma Izithombe: SIBONELO NGCOBO
USIHLALO WE-CRL Commision, usolwazi Luka Mosoma Izithombe: SIBONELO NGCOBO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa